UMkhandlu weTheku ulokhu uqhubeke njalo nokuhlangana namalunga omphakathi ukulungisa inkinga yamanzi
UMkhandlu weTheku ulokhu uqhubeke njalo nokuhlangana namalunga omphakathi ukulungisa inkinga yamanzi ezindaweni eziningi ezakhele idolobha
UMkhandlu weTheku ulokhu uqhubeke njalo nokuhlangana namalunga omphakathi ukulungisa inkinga yamanzi ezindaweni eziningi ezakhele idolobha
Lelibhul oho lasendawni yaseThelimyama laguguleka ngesikhathi kunezikhukhula ngonyaka owedlule. IMeya yeTheku, uKhansela Mxolisi Kaunda, iphelezelwa yikhansela lakuWadi 15, uKhansela Thembelani Shezi, uKhansela uBheki Mngwenge namuhla ngomhla ka-2 Febhuwari, bethule usonkontileka ozokwenza lo msebenzi.
NAKUBA intuthuko ivamise ukugqoza, ize ngesivinini sonwabu, kodwa okwenzeka kuMasipala waseNdwedwe kwehlukile, kulandela ukuphendulwa kwesoyi, lapho kuzokwakhiwa inxanxathela yezitolo
UMasipala weTheku ubheka izindlela zokwenza ngcono ukuphakelwa kwamanzi. Lokhu kuza emuva kokuthi iMeya ukhansela Mxolisi Kaunda ngomhlaka 17 Januwari ehambele isiphehlimanzi sase Pinetown lapho ehlangene khona nethimba lezimenenja elingaphansi koPhiko lwe Water and Sanitation.
ISouth African National Roads Agency SOC Limited (SANRAL) isikhiphe isitatimende sokuthi usuqalile umsebenzi wokulungiswa kwengxenye yomgwaqo oku N2 ophakathi kwaseZingolwen kanye naseHarding, KwaZulu-Natali.
U-Engen, ngokubambisana nekomidi elihlanganyelwe lomphakath, usabalalise injabulo yamaholide efudumele ezinganeni ezingu-84 ezihlala eSt. Monica’s Children’s Home and Youth Care Centre, isikhungo sokunakekelwa kwezingane nentsha.
UMasipala weTheku, ngokubambisana nezinhlaka ezibambe iqhaza ,usingathe ngempumelelo iHostels Indaba eNkosi Albert Luthuli International Convention Center, ngenhloso yokubhunga ngezindlela zokuthuthukisa izimo emahostela kanye nokuthuthukisa ukuhlinzekwa kwezidingonqangi.
IMeya yeTheku ukhansela uMxolisi Kaunda wethule damu iMona Reservoir esanda kuphothulwa ukwakhiwa, nedle isamba sika R43 million. Lelidamu lizosiza kakhulu ukwandisa umthamo wokuphakelwa kwamanzi endaweni yas’oThangathi kanye nasezindaweni ezakhelene nayo okubalwa Ward 6, kanye naku Ward 62.
UMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natali usumemezele ukuthi usukulungele ukuqala uhlelo lokukhipha ama- number plates amasha. Ngokusho kwesitatimende esithunyelwe abezindaba sithi loluhlelo luqala ngomhlaka 1 Novemba 2023.
Sigcine sivulwe ngokusemthethweni isibhedlela i Dr. Pixley Ka Isaka Seme Memorial Hospital (DPKISMH, esisenyakatho yeTheku KwaMashu, lesibhedlela saqala ukwakhiwa ngonyaka ka 2015 ngethemba lokuthi sasiyophothulwa ngonyaka ka2020 kodwa okungenzekanga ngenxa yokuhlasela kobhubhane lwe Covid-19.
Isibhedlela sivulwe uMengameli wezwe uMnu Cyril Ramaphosa ehambisana noNdunankulu waKwaZulu-Natali uNomusa Dube-Ncube kanye neMeya yeTheku ukhansela Mxolisi Kaunda, ngoLwesihlanu lomhlaka 24 Novemba 2023. Kanti nomndeni wakwaSeme ubukhona ukuzibonela kuvulwa isibhedlela esiqanjwe ngelunga lomndeni elingasekho.
Khona manjalo uMengameli uRamaphosa uphinde wembula isichushe sika Dr Pixley Ka Isaka Seme phambi kwezihambeli kanye nomndeni wakwaSeme.Ethula inkulumo yakhe uMengameli uthe lesibhedlela sakhiwa ngenxa yokukhula kwesibalo sabantu ababalelwa ku 1,5million abakhele indawo yakwaMashu, Inanda,Ntuzuma kanye nezindawo eziseduze ukuze kuphunguke umthamo othutheleka esibhedlela iMahatma Ghandi ePheinix.
“Ukuvulwa kwalesibhedlela kuyindlela uhulumeni abonisa ukuzibophezela kwakhe ngayo ukufeza umgomo we Freedom Charter oyalela ukuthi wonke umuntu athole ukwelashwa mahhala, kanye nokuthi kubekwe eqhulwini impilo yabantu besifazane nezingane”. Kusho uMengameli uRamaphosa.SANews.gov.za