EZENTUTHUKO
UBhishobhi uDube ubonge abaxhase ibandla lakhe le ECC ngeminikelo
UBhishobhi uVusi Dube webandla iThekwini Community Church ophinde abe ilunga elihloniphekile lesiShayamthetho saKwaZulu-Natali ubonge amalunga ebandla lakhe Kanye nosomabhizinisi abeseke lelibandla ngokulixhasa ngezimali. Lokhu uDube ukusho ngesikhathi kuqhubeka umcimbi wesidlo sakusihlwa owabe ubanjelwe eAha Gateway Hotel eMhlanga ngeSonto lomhlaka 4 Disemba.
Izakhamizi zaseMayville zithathe isinqumo sokuzilungisela izindlu zangasese
IThimba lezakhamizi zaseNsimbini sebezibambele bona mathupha ukwenza ushintsho ngokwakha amaToilets endaweni, lokhu kulandela ukuthi kuke kwabikwa ngobugebengu kulendawo okuyinto egcine isukunyelwa iThimba elizibiza ngokuthi ‘SILUNGISA UK’HLALA FOUNDATION.’
UMlazi Mega City umemezela ithuba lomncintiswano ka R300 000 kosomabhizinisi abasafufusa
UMlazi Mega City umemezele ithuba lomncintiswano ka-R300 000 kosomabhizinisi abasafufusa. Ngonyaka odlule kwethulwe uhlelo lweMlazi Mega City (UMC) Seed lapho uNolwazi wakwa-B section nomnikazi we Balloons Express wathola u-R300 000 wokuqala ibhizinisi.
UMphakathi waseningizimu yeTheku usunesiteshi somsakazo obizwa ngeSakha IsizweFM
Lomsakazo usungulwe uNkk. Thandeka Madlala Khathi ngenxa yokubona ukwentuleka kwabesimame nentsha yasemphakathini kwimikhakha yezamabhizinisi.Wabona kuyisu elihle ukuvula umsakazo lapho ezobiza khona abesimame nentsha abazokhangisa amabhizinisi abo aphinde afundise nalabo abanentshisekelo yokuqala amabhizinisi.
Usungule inkampani yokusiza amabhizinisi ngamasu okuhweba ngempumelelo
Owasungula inkampani iBOTHODIGITAL AGENCY (PTY) LTD ngo-2020 i-ejensi egxile ekwenziweni komkhiqizo nokuthuthukiswa kwemikhiqizo yamabhizinisi amancane ngamasu okuwasiza aphumelele uMnu. Nhlakanipho Tsele, usebenzela ekhaya kusukela baphazanyiswa ubhubhane i-Covid-19 kepha uyethembisa ukuthi bazobuyela ehhovisi ngonyaka ozayo.
Abakwa-Engen basiza intsha ngamakhono ezeComputer ukuze ithole amathuba angcono okuqashwa
ABAKWA-ENGEN Community Computer School basiza ngamakhono ezeComputer ukuze intsha ithole amathuba angcono okuqashwa, isihlanganise abafundi abawu-70 bonke abahlali base-South Durban baneziqu zabo eziyisisekelo ezikhulisa amathuba abo okuthola imisebenzi.
Ibhange iNedbank kanye neTEA bazosebenza ngokubambisana ekufukuleni osomabhizinisi basemalokishin
UMNOTHO wasemalokishini aseNingizimu Afrika ilinganiselwa kuR100 billion imali ongase uyifake emkhiqizweni wezwe. Njengengxenye yokuzibophezela kwe-Nedbank ekwesekeni ukukhula okuqhubekayo kwalo mkhakha wezomnotho obalulekile ibhange lizosebenza ngokuhlanganyela neTownship Entrepreneurship Alliance (TEA) ukusiza ukukhuthaza ukuthuthukiswa kosomabhizinisi emalokishini.
OWENHLANGANO IZINOJU SKILLS UTHUTHUKISA INTSHA NABESIFAZANE NGAMAKHONO
UKUPHELA KWAMATHUBA EMSEBENZI KUBANTU ABANINGI KULELI NGENXA YECOVID-19 KUDALE UNKK ZANELE KHALOLI AFIKELWE UMCABANGO WOKUTHI ASUNGULE INHLANGANO AZOYISEBENZISA UKUSIZA ABANTU ABANGAKWAZI UKUQASHWA IKAKHULUKAZI INTSHA KANYE NABESIFAZANE OKUYIBO ABACINDEZELWA KAKHULU UBUPHOFU.

