I-NSFAS izokhokha ngaphezu kuka-R6bn

THOBILE MBATHA

I-NSFAS izokhokha ngaphezu kuka-R6bn emaNyuvesi naseMakolishi, Lokhu kuvele esitatimendeni esithunyelwe kwabezindaba ekuqaleni kwenyanga kaNhlolanja sithe, Usihlalo we National Student Financial Aid Scheme NSFAS u-Ernest Khoza uthe, “loluhlelo lulindele ukukhokha kusenesikhathi imali elinganiselwa ku-R3.5 billion emanyuvesi kanye no-R2.7 billion emakolishi eTechnical Vocational Education and Training TVET.

Ekhuluma nabezindaba uthe, uhulumeni esebenzisana noMnyango weMfundo ePhakeme ubeke u-R47.6 billion wokuxhasa abafundi kanti lokhu kubandakanya u-R38,6 billion wamanyuvesi kanye no-R8.9 billion wama-TVET. “Ngaphezu kwalokho i-nsfas isesimweni sokuthi ihlinzeke izikhungo imali kusenesikhathi ukuze inciphise umthelela wezezimali ezikhungweni kanti lemali itholwa ngamagatsha amane ngenyanga ka-Ephreli, Juni, Agasti nango-Okthoba minyaka yonke. Lokhu kusho ukuthi bonke abafundi abafanelekile yilabo ababhalisile esikhungweni semfundo ephakeme. Ngakho kuzosiza izikhungo kanye namakolishi.” Kusho uKhosa.

Bathe, ithole izicelo eziwu-1 587 968 kwabafuna ukuhlomula kanti izicelo eziwu-613 909 zixhaswe okwesikhashana eziwu- 338 320 ngabafundi abasafunda kanye nabawu-275 589 abasha abafake izicelo. Kanti ziwu-273 746 izicelo ezisalinde ukucutshungulwa kanti ithole izicelo ezingaphezu kwesigidi esingu-1.6 okuyisibalo esiphezulu esike satholwa emlandweni weNSFAS.” Kuqhuba uKhosa.

Ziwu-98 805 izicelo ezihoxisiwe lokhu kubandakanya izicelo zabafundi abangu-161 139 izicelo zabo azemukelwanga ngenxa yokungafinyeleli emibandeleni edingekayo ukuze  uxhaswe ngezimali.izikhalazo eziwu- 1 261 sezithunyelwe  uphinde wagcizelela ukuthi abafundi abangeyona ingxenye yakwa-SASSA kumele bakhiphe ubufakazi ukuthi bahola imindeni yabo, ebese iqinisekisa isicelo ngasinye nangokusebenzisana ne SARS. Kuphetha uKhosa.