THOBILE MBATHA
Ithimba elijutshiwe lizoqapha umthelela wokucishwa kwagesi emkhakheni wezolimo kanye nababambiqhaza embonini yezolimo kanye nongoti bamandla.
Ngokusho kwesitatimende esithunyelwe kwabezindaba sithe, umthelela wokucishwa kukagesi kulomkhakha kanye nekhono lawo lokuqinisekisa ukutholakala kokudla. uNgqongqoshe wezoLimo ukubuyiswa komhlaba kanye nokuThuthukiswa kwezindawo zaseMakhaya uThoko Didiza, ehlangene nabaholi bomkhakha wezolimo, ukudla kanye neziphuzo ukuze kuhlolwe umthelela wokucishwa kukagesi emisebenzini nasemabhizinisini.
Abaholi bezimboni badlulisele ubunzima obubhekene nosomabhizinisi ,abasebenzi kanye nezindleko ezihambisana nakho ukuze uNgqongqoshe anake, baphinde bagqamisa ubungozi bokutholakala kokudla uma kwenzeka ukucishwa kwagezi okuqhubekayo kanye namasu okuthi ungancishiswa kanjani umthelela wokucima kwagesi.
UMhlangano unqume ukuthi uNgqongqoshe asungule ithimba elijutshelwe umkhakha omcane ohlanganisa uhulumeni, ababambiqhaza bemboni kanye nongoti bezamandla elizoqhubeka liqaphe ukuze lihlinzeke ngokudla okuphephile nokunomsoco kubantu baseNingizimu Afrika. Umsebenzi wobuchwepheshe wokulinganisa izindleko zezimali uyaqhubeka futhi uzosiza ekuvezeni isu.
Uphinde wabonga wadlulisa ukuzwelana kakhulu namabhizinisi kulobunzima abhekene nabo wabonga abaholi ngemizamo yabo yokuzama ukuletha ukudla ezweni ngaphansi kwezimo ezinzima zokungabi nagesi.
“Naphezu kwezinselelo ezikhona izimboni zezolimo zizoqhubeka nokuqinisekisa ukuthi ukudla kanye nezolimo kuqinisekisiwe ukuthi kuyanakekelwa.” Kusho uDidiza.

