Abazali banxuswe ukuthi baweseke umkhankaso wokugoma izingane ezikoleni

SAMUKELISIWE MBONAMBI

Njengengxenye yomkhankaso wokugonyelwa kwesimungumungwane, iminyango yeziFundazwe eyahlukene isebenza ubusuku nemini ukuqinisekisa ukuthi izingane ezineminyaka engaphansi kuka-15 ziyavikeleka kulesi sifo esiyingozi entsheni. UMnyango wezeMpilo usebenzisana ngokubambisana neminyango ehlukene yeMfundo eyisiSekelo kanye nezokuThuthukiswa koMphakathi.

IziFundazwe kanye nezinhlaka ezahlukene seziqale umkhankaso kazwelonke wokugoma izingane ezikoleni, ezikhungweni zokukhulisa izingane zisencane nakwezinye izindawo zomphakathi, ngokusho koMnyango izikole bezilokhu zinikeza abafundi amafomu okuvuma ukuthi abazali nabanakekeli bawasayine ukuze abasebenzi bezempilo bakwazi ukugoma abafundi.

“Akekho umfundi ozogonywa kuze kube yilapho abazali bakhe noma umgadi wakhe osemthethweni enikeza imvume ngokusayina ifomu lokuvuma, futhi abazali bayakhuthazwa kakhulu ukuthi banikeze le mvume.”

Ngokwemininingwane yakamuva ikhombisa ukuthi angu-506 amacala ahlobene neleligcine lesimungumungwane aqinisekisiwe elabhorethri kusukela kwaqubuka lesi sifo.  Leli gciwane litholakala emoyeni, mangabe umuntu onalo ezokhwehla noma ezothimula libe selisaphazeka emoyeni wendawo akuyo. Iningi labantu abahlaselwe ngumkhuhlane wemvukuzane baphakathi komnyaka owodwa kuya kwengu-15, kungakho umkhankaso lo ugxile kakhulu kubo bonke abantwana abaphakathi kwezinyanga eziyisithupha(6)  no-15years.

Ngokusho koMnyango izingane ezingagonyiwe yizona ezisengcupheni enkulu yokungenwa yisimungumungwane bese zithelela ezinye ezifunda nazo kanye namalungu asekhaya.

Izimpawu zesimungumungwane zihlanganisa umkhuhlane, amehlo abomvu, ikhala eligijimayo kanye nokukhwehlela, ezivame ukuvela ngaphambi kokuqala kwesifo sokuqubuka imaculopapular. Nakuba kubekezeleka abanye abantu ikakhulukazi izingane ezincane kanye nabesifazane abakhulelwe bangase babe nezinkinga ezifana nesifo sohudo, inyumoniya, izifo ezindlebeni kanye nezinkinga zamehlo okuholela ekulalisweni esibhedlela futhi ezimeni ezimbi kakhulu bashone.

Khonamanjalo, umgomo we-HPV uvikela amantombazane ekubeni nomdlavuza wesibeletho ekuhambeni kwesikhathi kanti uMnyango ukugcizelele ukuthi imigomo yesimungumungwane ne-HPV iphephile futhi iyasebenza. Imithi yokugomela isimungumungwane imahhala ezikhungweni zezempilo zikahulumeni, kanti umgomo we-HPV unikezwa abafundi abangamantombazane bebanga lika Grade-5 abaneminyaka engu-9 nangaphezulu ezikoleni zikahulumeni ngomkhankaso wezikoleni.