UMnyango wezeMfundo ephakeme uqala unyaka ngokuzimisela

THOBILE MBATHA

UNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme Nokuqeqesha uDktl. Blade Nzimande usethubeni lokuqinsekisa ukuthi lonyaka uba yimpumelelo. Ngokwesitatimende esithunyelwe sithe, uMnyango ususebenzise amathuluzi amasha okuqapha kanye namasu okunqoba izingqinamba ezivame ukuba nomthelela ohlelweni lwe-Post School Education Training (PSET).

Ethula inkulumo esiShayamthetho Sikazwelonke mayelana nesimo sokulungela lonyaka ekufundeni kusukela kulesikhathi amanyuvesi angu-25 kwangu-26 aseqalile ukufundisa nokufunda kanti ambalwa angeze isikhathi sokubhalisa ukuze kuqinisekiswe ukubhaliswa kubalwa ukweseka abafundi ababhalise ngethuba lokugcina.

Uthe sitshale izikhulu zethu zonke izikhungo ukuyobheka ukuthi izinhlelo zokubhalisa ziqhubeka njengoba kuhleliwe futhi zisize izikhungo lapho kudingeka khona ngezeluleko nemikhombandlela ukuze kuqhubeke i-Central Application Clearing House (CASH) ivulwe mhla ziwu-27 Januwari kanti izovalwa ziwu-31 Mashi ukuze isize abafundi bathole izifundo nezinhlelo abazithandayo.

“Lokhu kungenelela kusize kakhulu ekwehliseni izingqinamba ezijwayelekile ezingxenyeni ezahlukene zohlelolwe-PSET oluhambisana nokwamkelwa, nokubhaliswa, usizo lwezimali kanye nezindawo zokuhlala. Amakolishi ethu eTechnical Vocational Education and Training (TVET) aqale uhlelo lwawo ziwu-23 Januwari. Sihlose ukwethula izindleko ngokweseka zonke izigaba zabafundi okuhlanganisa nalabo abangaxhasiwe uNSFAS.” eqhuba. “Kulonyaka wezimali ka-2023 isabelomali kulindeleke ukuthi sifinyelele ku-47.6 billion. Sizobheka zonke izindaba ukuze siqinisekise ukuthi abahlomula ku-NSFAS abashinywa ngaphandle.” ephetha.