Abasebenzi abangaphansi kohlelo lweEPWP babonga iMATUSA

Abasebenzi abangaphansi kohlelo lwe EPWP babonga bayanconcoza usizo lweNyunyana yabasebenzi
iMATUSA ngokubalwela ukuthi nabo bakwazi ukuthola amalungelo abo futhi emva kweminyaka
eminingi baphumelele ukuthi nabo beqashwe ngokugcwele hhayi indaba yetoho. Lokhu kuza
ngemuva kokuthi inkantolo yabasebenzi ikhiphe isinqumo sokuthi kusukela ngoMsombuluko
womhlaka 6 Mashi abasebenzi sebezoba ngabasebenza ngokugcwele. Kodwa kusazokwehla ubuholi
obuphezulu busuka eGoli ukuzokwethula I-Arbitration Award kubasebenzi ngosuku
olusazomenyezelwa.