UNkosikhona Ncama ongu-MC ucela  abantu bamuqashe

UNkosikhona Ncama(24) odabuka eXobho esigodini saseFafa kodwa otholakala eThekwini ngokokusebenza ungene endemeni yezokusakaza ngonyaka ka2022 esakaza kwi-Ilanga Labantu(online )Radio kanti uphinde abe umphathi wezinhlelo(MC).

Ezikhulumela  ngowakhe nephephandaba iKZN Namuhla uthe: “ngiqale ukusakaza ngonyaka ka2022 ngisakaza emsakazweni otholakala online kuphela okwamanje Ilanga Labantu Radio uhlelo engiluphathayo ngisuke ngigxile kakhulu ekuphusheni noma ekufukuleni abaculi abasafufusa yize ngingayena umculi kodwa ngiyakholelwa ekutheni abaculi asebephumelele baqala njengamaciko afufusayo ngakho kubalulekile ukuthi nabasazama ukuzakhela igama sibaphe inkundla siphinde sisifake isandla lasikwazi khona akumelanga kuze kube uxhaso lwemali”

“Okusha ngiyafisa abantu ukuthi maduze nje bangase bangibone sengivela komabonakude uma lento engizama ukuyihlanganisa ihamba kahle yize ngingeke ngikwazi ukudalula igama layo manje kodwa ngiyathembisa ukuthi uma isiqala ngizophinda ngizobakhumbuza ukuthi bangakhohlwa ukubuka omabonakude babo”kuchaza uBlesser (stage name).

Egoqa inkulumo yakhe uthe uyafisa ukuthi abahleli bemicimbi naye bamuqalaze uma behlele imicimbi njengoba engu MC ongabizi kakhulu kodwa ongabhori onoju. Uma ufisa ukwazi ngomsebenzi kaNkosikhona ungaxhumana noNksz. N Hadebe , Uma ufuna ukukhuluma naye ngqo ungashayela kule nombolo: 0634671063 / whatsapp-0766582777 noma kuFacebook: Blesser Nkosikhona