SAMUKELISIWE MBONAMBI
Intsha ebheka imisebenzi ikhala ngamaposi acekela phansi amathuba okuthi ithole imisebenzi lokhu kuvele enkundleni yezokuxhumana phakathi nesonto omunye efaka indatshana eveza ukuphukelwa umoya ekhasini lapho bevamise ukufaka khona ama Job Advertisement ebifundeka kanje “Sanibona, saze sanenkinga ngenxa ye Post Office!
uma ufika uthi uyoposela itoho uthola ukuthi abanawo ama envelopes, uma ngalelo langa ekhona ama-envolopes bakutshela ukuthi iposi alinqeni ukuduva amasonto awu-2 lingalandwa okwenza i-application yakho ifike emva kwesikhathi. Ibuhlungu lento yeposi and sithembele kulona uma usuke ukude nalapho ufesa khona . Are there any alternatives one can use to bridge le nkinga?”
Okumangazayo yize abantu bengakhulumi ngalenkinga kodwa baningi ebakhathazaya njengoba ama comment kade engena engenile, omunye ephawula uthe lona iposi linenkinga kwesinye isikhathi abanqeni ukuvele bathi ba Off line, uthi uzo certify uthithiziswe ushoniswe le nale ngoba wonke umuntu efuna ukuzihlalela.
Efakaza osanda kuthola izincwadi zangonyaka odlule uthe “ abantu abazame ezinye izindlela layikhaya kufike izincwadi zangonyaka odlule kusuka ngo-October kuze kube imanje yonke imizi inama piles of letters”.
Kanti enye indlela engasiza kulenkinga ukuthi intsha efuna umsebenzi ingasebenzisa uShoprite noPick n Pay ngohlelo lwe-Aramex ethatha usuku olulodwa ukuthi ifike i-Application lapho iya khona. Lendlela iyona ebonakala ithi ayibe ngcono kunokuthembela eposini kuphela.

