THOBILE MBATHA
Kusaqhubeka ukuvuselela amakhadi azophelelwa isikhathi kulenyanga kwabahlomula isibonelelo sikahulumeni ngokwehlukana kwabo.
Ngokwesitatimende esithunyelwe kwabezindaba abakwaSASSA nePostbank sithe, isimemezelo sibhekiswe ngqo kulaba abanama-Gold Cards abhalwe ukuthi (EXPIRES: 03/23) bayakhunjuzwa ukuthi bavakashele emahhovisi asePosini asondelene nabo ukuze bezothola amakhadi amasha.
AbakwaSassa bathe nalabo abalahlekelwa amakhadi ayebhalwe ukuthi azophelelwa isikhathi kulenyanga kaMashi bayanxuswa ukuthi bangasali ngaphandle njengoba amagatsha onke amaPosi ezobasiza kuyona yonke lenyanga ukuba bathole amakhadi amasha.
Okufanele ukuphathe uma uyePosini ilokhu okulandelayo:
- Umasizi wakho/ID
- Sassa/Postbank Gold Card elibhalwe ukuthi Expires 03/2023
AbakwaSASSA bakuqinisekisile ukuthi amakhasimende azothola ukusizwa ngabasebenzi basePosini kuphela futhi akekho umuntu ozolandela omunye ikhadi elisha ngaphandle uma erijistiwe kwaSASSA.

