USanele Gumede (18) ozalelwe eBhamshela kodwa oseThekwini KwaMashu ngokokuhlala ungene endimeni yezomculo ngonyaka ka-2015 ngeStage name sika Man G S.A, yize engakaze ayikhiphe i-Album kodwa zikhona izingoma aseke wazikhipha Ama Cruger, Dlozi Lami ukubala ezimbalwa.
“Ngingene kulendima yomculo ngonyaka ka2015 ngenza umculo weHip-Hop, bengilokhu ngisenza ngama single tracks ukuzazisa ebantwini okokuqala ngakhipha enesihloko esithi Ama Cruger okuyiyona abantu abayithakasela kakhulu kanti nganginovalo ngoba ngangiqala ukukhipha ingoma. Ukukhipha i-Album into ebengingakaze ngiyenze ngoba amandla nesikhathi bengingakabi nakho kodwa bekungelinye lamaphupho ami abalulekile, ngakho kulonyaka ngithathe isinqumo sokuthi ngikhiphe i-EP nokuyinto engisebenzela phezukwayo njengoba sikhuluma”
“kule-Ep ngisebenze namaCiko ahlukene ngoba inhloso yami ukujabulisa wonke umuntu othanda umculo ingakho ngithe akengixube amaciko ukuze lomsebenzi uzothandwa ibonabonke abalandeli bomculo” kuchaza uMan G S.A exoxisana nephephandaba iKZN Namuhla.
Ephetha inkulumo yakhe uthe uyafisa ukuthola uxhaso lokubhukhwa ukuze akwazi ukwenza umsebenzi wakhe waziwe ngabanye abantu aphinde athole nabalandeli abasha abazoluthanda uhlobo lomculo awenzayo.
Uma ufisa ukuzwa umculo kaMan G S.A ungaxhumana naye kule nombolo: 076 765 4329 noma kuFacebook: Man G S.A.

