SAMUKELISIWE MBONAMBI
IMeya yeTheku uKhansela Mxolisi Kaunda wethule i-Hydrogen Strategy esiFundeni saseThekwini ngesikhathi kuneNgqungquthela yokuGuqulwa kwezaMandla eThekwini. ITheku liyidolobha lokuqala eNingizimu Afrika ukwakha uhlelo lweHydrogen elisezingeni lomhlaba. Lokhu kuhambisana nemizamo eqhubekayo yeDolobha yokuhlola umnotho we-hydrogen eNingizimu Afrika.
Le ngqungquthela ibibanjelwe eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre ekuqaleni kwalenyanga. IMeya uKaunda ithe uMasipala usuhlonze izindawo ezintathu ze-hydrogen okuyiDurban Port, Richards Bay, kanye neCato Ridge Dry Port, iport ngayinye izosebenzela ukuhlangabezana nesidingo kanye nokuhlinzekwa kwamafutha ajwayelekile kanti ingqalasizinda yezinhlelo ze-hydrogen isikhona eThekwini nase-Richards Bay nokho kumele kwenziwe kabusha ukulungiswa okwengeziwe ukuze kuqinisekiswe ukuthi amaphrojekthi ayasebenza.
“Ngonyaka ka-2050, umnotho we-hydrogen ungase udale amathuba omsebenzi wokwakha alinganiselwa ku-392 786 kanye nangu-24 671 ngokugcwele esiFundeni saseThekwini naseRichards Bay,”kwengeza iMeya.
UKaunda unxuse abatshali zimali ukuthi basebenzisane nohulumeni ukuhlela kabusha imboni yeGesi esiFundazweni.
Le ngqungquthela ibisingathwe yiHhovisi Lezamandla leDolobha kanti ibingeyokuqala ingqungquthela yalolu hlobo eNingizimu Afrika. Ibibanjwe ngaphansi kwendikimba ethi “Building Energy Security Today”.

