UZanele Mbokazi uzobuyela ihlandla lesibili oKhozini FM

SAMUKELISIWE MBONAMBI

UZanele Mbokazi uzobuyela ihlandla lesibili ekubeni umsakazi wesiteshi esihamba phambili uKhozi FM, lokhu kuvele ngesikhathi umphathi wesiteshi uSbongi Ngcobo ememezela ushintsho oluzokwenzeka emoyeni ngoLwesthathu kanti ube esephinda amukela uMbokazi.

“Ukhozi FM luthanda ukwamukela uZanele Mbokazi ozosenzela uhlelo Indumiso,” kusho uSbongi.

UZanele Mbokazi uke wasakaza oKhozini FM ngaphambilini kodwa okwamanje njengoba ebuya usezothatha izintambo zohlelo lwe-Indumiso kuThembeka Zondo-Cele olokhu alubamba ngemumva kokuxoshwa kukaSbu Buthelezi.

Abantu beveza imibono yabo ngaphansi kodaba okade lufakwe ekhasini lephephandaba Isolezwe iveze ukungalujabuleli lolushintsho njengoba omunye owaba commentile ethe “Manje nichaza ukuthi leyantsha enamakhono seyoze ifike esigabeni sokuguga seminyaka ewu 35yrs ingakaze iwaveze lamakhono enawo ngenxa yabantu abadala bavimbe namathuba engabe atholwa izingane”. Abagcinanga lapho kodwa bathe Ukhozi FM selufana nse nenhlangano ye-ANC njengoba nasebholeni lalanda uJoe esikhundleni sokubheka ikhono elisha.

Siqhubeka sicaphuma ama comment sibone enye ebithi uMama uZanele walithola ithuba lakhe kungani uhlelo lunganikezwanga uPhindi P njengomuntu owathandwa ngabaningi ngenkathi kuqhubeka umncintiswano wokulingisa umsakazi omthandayo kanti abanye bathe uThembeka Zondo bekumele ayekwe ubeluphethe kahle uhlelo.