U-SASSA uxolisa ngezinselelo mayelana nokushintshwa kwamakhadi

THOBILE MBATHA

I-South African Social Security Agency (SASSA) ichaza mayelana nezinselelo ebhekene nazo kubamukeli bezibonelelo zikahulumeni ngenxa yokushintshwa kwamakhadi abo egolide lakwa-SASSA asephelelwe yisikhathi.

Ngokusho kwesitatimende esithunyelwe kwabezindaba, Ikhadi legolide lakwa-SASSA likhishwa yi-Postbank futhi lenza abamukeli besibonelelo sikahulumeni bakwazi ukusebenzisa ikhadi kanye nekhodi ye-PIN ngaphakathi kwe-National Payment System (NPS) emabhange’, ama-ATM, amagatsha e-SAPO, abathengisi nama-Cash Pay Points (CPP). Ngokomthetho, wonke ama-VISA kanye nama-MasterCards aphelelwa yisikhathi ngemva kweminyaka emhlanu.

Njengamanje i-SASSA inabamukeli bezibonelelo zikahulumeni ababalelwa ezigidini ezingu-5.9 abasebenzisa izibonelelo zikahulumeni, amakhadi akwa-SASSA Gold, iningi lawo azophelelwa yisikhathi ngoJuni 2023.Ngakho abantu bayanxuswa ukuthi baqaphele usuku lokuphelelwa yisikhathi kwamakhadi abo. Zonke izinkokhelo zabahlomuli zizocutshungulwa njengokujwayelekile, futhi izimali zigcinwa ngokuphephile kuma-akhawunti asemabhange abo.

Ukuze abantu bagweme ukungazitholi izibonelelo zabo, bangakwazi ukukhetha ukushintsha i-SASSA Gold Card emagatsheni e-SAPO ahlonziwe noma enye indawo ehlinzekwe yi-Postbank i-akhawunti yasebhange kufanele ize nalamaphepha alandelayo kwa-SASSA: Proof of bank account, Three months bank statement kanye neID.

Lemibhalo kufanele ihanjiswe eHhovisi lakwa-SASSA eliseduze ukuze ligunyaze i-SASSA ukuthi likhokhe imali yesibonelelo yabahlomulayo ku-akhawunti yomuntu siqu ekhethiwe.