UMasipala weTheku uphuthumisa izinhlelo zokulungisa amanzi eNtuzuma

SAMUKELISIWE MBONAMBI

UMasipala weTheku usebenza ubusuku nemini ukuphuthumisa ukulungiswa kwesikhungo samanzi iNtuzuma Water Pump station 2 ukuze kuqinisekiswe ukuthi amanzi abuyiswa ngokushesha emphakathini. Ngemuva kokuphothulwa kohlelo lokufakwa kwamathenda, kuzobe sekubekwa usonkontileka oqokiwe ukuze aqale umsebenzi. Ukusha kwengxenye yalesi sikhungo iMotor Control Centre ngesikhathi  kade kuqubuka umlilo kuphazamise ukusebenza njengoba lesikhungo sibalulekile eNtuzuma uma kuziwa ekuhlinzekweni komphakathi ngamanzi.

INhloko yezaManzi nokuThuthwa kweNdle u-Ednick Msweli icele umphakathi ukuba ubekezele ngesikhathi uMasipala weTheku umatasatasa nezinhlelo zokulungisa lesi sikhungo.

“Siyaluqonda usizi lokungabi namanzi umphakathi obhekene nalo kodwa sicela ukuba usibekezelele njengoba sisayixazulula lenkinga. Ngenxa yomonakalo obe khona, cishe u-70 wamaphesenti wezakhamizi zaseNtuzuma uthintekile. Kepha, u-30 wamaphesenti unawo amanzi aphuma izikhawu njengoba uNR5 uphakelwa yiWestern Aqueduct,” usho kanje.

Okwamanje, uMasipala uzoqhubeka nokuhlinzeka umphakathi ngamaloli amanzi. Amaloli afika amahlandla amaningi ngezikhathi zomsebenzi ezehlukaniswe kabili, ekuseni nantambama.

 UMasipala udlulise ukuxolisa ngokuphazamiseka okukhona. Ukuthola olunye ulwazi mayelana nokuphakelwa kwamanzi, umphakathi ungashayela inombolo yamahhala ethi 080 311 1111 noma usebenzise inombolo kaWhatsApp yezamanzi ethi 073 1483 477. Ungathumela ne-email ku: Eservices@durban.gov. za