Intsha yanamuhla ayisebenzise lenyanga ukukhumbula amaqhawe afela inkululeko

Angibingelele sizwe sakithi enyangeni ebalulekile yokubungaza isikhumbuzo sentsha ka1976 eyalwela amalungelo nenkululeko yayo. Ngicela ukugqugquzela intsha yanamhlanje ukuthi kuhle ukuwazi amalungelo ethu nenkululeko yethu kodwa masikusebenziseni kahle singabulawa yikhona, masingabulawa siqedwe yinto okwakumele isikhulule.

Inkululeko esinayo ayisenzi sibenamazwi phezulu kwabantu abadala, isisho sesizulu sithi indlela ibuzwa kwabaphambili, okuchaza ukuthi omdala uyohlezi emdala kukhona izinto azibonile ngempilo wena omncane ongakaziboni ngakho ke vuma ukuboniswa ngomdala.

Singabantu abasha ake sikhumbuleni lamaqhawe awalala elwela inkululeko namalungelo wethu sibhekisise indlela esesenza ngayo besesiyazibuza ukuthi engabe abafowethu babelwela ukuthi sizofa ngezidakamiswa nokungahloniphi abazali ? Masisebenziseni lenyanga ukulungisa amaphutha wethu lapho besingenzi kahle siqale senze kahle futhi sibahloniphe nabantu abadala kithi noma kungebona abazali bethu benyama kodwa sibahloniphele nje ukuthi ngabantu abadala . 

Obhalayo Umfundisi Katlego Nare