THAMI SHESHANE
Iqalile imidlalo ye COSAFA Cup ebanjelwe eNingizimu Afrika, EThekwini kulonyaka. Lemidlalo yize ingaqalanga ngegiya eliphezulu kwizethameli ebezingaphansi kwengxenye yenkundla I King Zwelithini Stadium, eMlazi.
Lomdlalo uvulwe yi Eswatini ne Botswana e King Goodwill Zwelithini Stadium kanti kugcine kunqobe I Botswana ngegoli elilodwa eqandeni ngengoli elivalelwe phakathi ngu Lebogang Ditsele ngomzuzu ka 22 yase iqhwakela kwiqoqo lika Group A.

I Bafana Bafana yona iphunyule emlonyeni wengwenya ngesikhathi ibambana ne Namibia ngegoli elilodwa ngapha nangapha. I Namibia yiyona egadle kuqala ishaya igoli sekuzoyiwa ekhefini ngekhanda lika Elmo Kambindu ngemuva kokulala kwezitobha zase Ningizimu Afrika.
U Rowan Human uphendulele ezika Morena Ramoreboli kusandwa kubuywa ekhefini esiza I Bafana iphuca i Namibia amaphuzu amabili. I Bafana Bafana ilele isithathu etafuleni ilandela I
Imidlalo ka Group A eqhubekayo ngoLwesine mhlaka 6 Julayi, I Seychelles izogadulisana ne Comoros bese oShampeni balendebe I Zambia izwane amandla ne Malawi e King Zwelithini Stadium.
Umphakathi wakwa Mashu, UMlazi, nase Chartsworth kanye nabalandeli bebhola eMzansi Afrika bangazibukela lemidlalo bukhoma ezinkundleni. Amathikithi ayatholakala khona ezinkundleni mahhala.
Imidlalo yalelisonto imi kanje:
NgoLwesihlanu:
King Zwelithini Stadium;
15:00 Mauritius vs Lesotho
18:00 Mozambique vs Angola
Ngomgqibelo:
15:00 South Africa vs Botswana
18:00 Namibia vs Eswatini
Ngesonto
15:00 Zambia vs Comoros
18:00 Malawi vs Sychelles

