UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uNonhlanhla Khoza, ukugxekile kakhulu ukuqhubeka kokuhlukunyezwa nokubulawa kwabantu asebekhulile abasolwa ngobuthakathi.UKhoza ugcizelele ukuthi udlame oluhlobene nobuthakathi luyindaba ejulile edinga ukunakwa ngokushesha nguhulumeni nomphakathini wonkana.
UKhoza ubekhuluma ngemuva kokubulawa ngesihluku kwesalukazi esineminyaka engu-74 ubudala, uSolani Mchunu, wasendaweni yaseBandlaneni KwaNongoma. UKhoza ube esenxusa umphakathi ukuba ukubeke eqhulwini ukuvikelwa kwabantu asebekhulile nokuyibo abavame ukusolwa ngokuthakatha. Uphinde wanxusa izakhamuzi zaKwaZulu-Natal ukuba zihlangenyele ekugxekeni ukubulawa ngesihluku nazo zonke izinhlobo zodlame ezihambisana nezinsolo zobuthakathi.
“Kungumthwalo wethu sonke ukudala umphakathi omazisayo umuntu, ohloniphayo, nosekela imigomo yobulungiswa nokulingana. Sinxusa bonke abathintekayo ukuba basebenzisane ukubhekana nalolu daba olucindezelayo nokuqinisekisa ukuphepha nenhlalakahle zabo bonke abantu.”
UKhoza uthumele induduzo yakhe esuka enhliziyweni emindenini kamufi nomphakathi wendawo ngokulahlekelwa kwabo-SAnews.gov.za

