THAMI SHESHANE
Kube yinjabulo kumaNazaretha ngolwesine mhlaka 22 ehamba noNyazi obeluhamba ngezinyawo beqhakazisa iTheku besuka kwipaki uBotha benqamula ku Prixley Ka Seme Street beholwa ngunyazi obeluhamba ngezinyawo kuyiwa eMoses Mabhida.
UHulumeni ubambisene noMasipala weTheku umeme ibandla lama Nazaretha oNyazilwezulu ukukhulekela izingqinamba ezihlangene nalomasipala ekubalwa kuzo ubugebengu obubandakanya ukubulawa kwabantu, ukwenyukwa kwesibalo sokukhulelwa kwentsha engasebenzi nokunye. Lomkhuleko obizwa nge “Holly Walk” ubuhanjelwe ngabantu ababalelwa ekhulwini lezinkulungwane bama Nazaretha kanti loluhambo luphele ngenkulumo yoNyazi nomkhuleko e Moses Mabhida. Lomkhuleko ubuhanjelwe nangu Ndunankulu wesifundazwe sa KwaZulu-Natal, u Nkk Nomsa Dube obephelezelwe ngu Sihlalo we ANC uMnu Sboniso Duma.
“Sikhumbula ukuthi umsunguli we-Ibandla lama Nazaretha, uBaba Isaiah Shembe wafika esiteshini saseThekwini – esesibizwa ngeWorkshop Shopping Mall ngomhlaka-10 Mashi ngo-1910. Sibonga ukuthi le Holy Walk isikhumbuze ukuthi Inkosi YamaNazaretha aseBuhleni yake yahlala ngaphesheya kwe Sahara Stadium endlini yamapulangwe” kusho isitatimende se ANC sabezindaba.
I ANC kulesitatimende ibonge Inkosi YamaNazaretha aseBuhleni ngokuba ngumhlanganisi nokuba ngubaba.
“Ukubona abaholi bakuzo zonke izinhlaka zomphakathi kwenziwe yile Holly Walk, kumele iqhubeke ukwenza iSifundazwe esiqinile ngokwezenhlakahle kanye nomnotho.” Kuphetha isitatimende.
Unyazi lwethule inkulumo yalo phambi kwezinkulungwane zabantu eMoses Mabhida.
“Le mashi kakuyona eyokufuna amanzi okanye ukukhalela intuthuko, kodwa ngeyokuba kube noxolo KwaZulu-Natal. Sicela uNkulunkulu ehlise umoya wokuthula ezweni lethu, sithandane.”
UNyazi luphinde lwagquqguzela inhlonipho kubantu besilisa
“Uma unenhlonipho ngeke ucabange ukuthatha imoto yomuntu,” Kuphetha uNyazi.
Ungqongqoshe wamaphoyisa uMnu Bheki Cele naye akasalanga kulomkhuleko obuhanjelwe ngosopolitiki, osomabhizinisi kanye nabamele uhulumeni.

