Zingu 8 izikole zase KZN ezingene kwelokulwa nodlame lobulili

Luzoqhubeka uhlelo lokuthuthukisa intsha olwasungulwa yi Primestars olubizwa nge “What About The Boys” oluqukethe  ukuhlinzeka ngendawo enesisekelo yezemfundo, lapho abafana abavela ezikoleni ezahlukene eZweni, okubalwa neziyi 8 zaKwaZulu Natal bezofundiswa ukuzibamba, ukubaluleka kwenhlonipho, uzwelo kanye nesithunzi kuzozonke izinhlobo zobudlelwane abakuzo.

Kulo nyaka, sikhuphukile isibalo sababambe iqhaza kulolu hlelo. Ikhuluma nephephandaba lesingisi NgoMgqibelo owedlule imenenja yezokuthuthukiswa kwamabhizinisi u Refiloe Mohale uthi le nhlangano isebenzisane nezikole eziyisishiyagalombili emalokishini, emadolobheni nasezindaweni zasemaphandleni KwaZulu-Natal.

UMohale uthe babone ukuthi kunesidingo sokukhuphula isibalo sokumema abafana kuloluhlelo ngemuva kwempumelelo yalo ngonyaka ophelile. Uthi ukwandiswa kwabafana bakwezinye izindawo kuzoqinisekisa ukuthi umyalezo wabo wokubhulwa kodlame uzosabalala ezindaweni eziningi.

“Ngesikhathi saloluhlelo, sikhuthaza abafana ukuba bahlanganyele nezikole zamantombazane ekuqedweni kodlame olubhekiswe ebulilini, babe ngamanxusa aloluhlelo. Lo msebenzi wakhelwe ukuvuselela abafana ukuba babe ngabalingani nabesifazane ezikoleni nasemphakathini,” kusho uMohale.