KUBANJWE KWABOSHWA ISOSHA NGELOKWEBA IZIBHAMU ENKAMBINI

Izimpahla zokwebiwa emasosheni

INTATHELI YE-KZN

Kubanjwe kwaboshwa amashosha ombutho weSouth African National Defence Force (SANDF)ngecala lokweba izibhamu ama stun grenades kanye nama live immunition kanye nokunye. Lamasosha abanjwe eBloemfontein kanti ngokusho kodaba olucashunwe ephephandabeni iCitizen, lithi abanjwe ngoLwesithathu olwedlule  konke lokhu akwebe enkambini yase  Base Tempe Military.

Ngokombiko wephephandaba iCitizen lithi amaphoyisa athole ulwazi kwabathile abawalume indlebe kanti nangempela agasela emaFlethini Brandwag, Bloemfontein abhadama isinzwa ebalelwa ku 31 weminyaka inezikhali zokwebiwa zombutho maqede yavela enkantolo.

USiphiwe Dlamini okhulumela uMnyango wezokuVikela kuleli uthe uMbutho uyakwamukela ukuboshwa kukamsolwa.Waqhuba wathi umsolwa webe lezikhali  ezinentengo ebalelwa ku R90,000 maqede wazidayisela  amalunga omphakathi

UJenene Rudzani Maphwanya ukhiphe isexwayiso esibhekise kumasosha wathi umbutho angeke uzibekezelele izenzo zobugebengu wathi ayothathelwa izinyathelo zomthetho amasosha enza ubugebengu.

Khona manjalo ngaphambi kwesigameko sokuboshwa kwesosha kusanda kubanjwa amaphoyisa amabili asebenza ngaphansi kophiko lwe Flying Squad eMpumalanga emva kokubanjwa nezibhamu kanye neziqhumane, kanti elinye likwazile ukuphunyuka labaleka.

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *