“GONE TOO SOON SON”

Now Available As Paperback and eBook

Isikhumbuzo somlando wempilo wendodana, umfowabo, umyeni, nobaba uMfanufikile Absalom Zuke. Lencwadi ibhalwe unina, uZamile Zuke. Lomndeni ungowoku dabuka eMzinto Ekubusisweni uhlala eSeaview eThekwini. Lomntwana uhambe ngokuzuma nangesihluku esibi esemncane. Lokho kushiye imibuzo engenazimpendulo emndenini. Lencwadi ikhuluma ngempilo yakhe ukusukela esemncane kuze kube isikhathi ahambe ngaso, okwenzeka esaphila nangesikhathi esengasekho.Ziningi izifiso nezinhlelo abesenazo ephokophele phambili ukuzifeza. Kuningi obekusalindeleke kuyena okuhle. Kuningi okuhle abekwenzela umndeni, abangani nabanye abantu. Ubesebenza ngikuzikhandla enekhono lokuhlela izinto zakhe ziphumelele. Ifa lakhe lophila ungunaphakade. Umndeni wonke ukhala ezimathonsi nokho ubambelele kuyo yonke inkumbulo yezenzo zakhe ezinhle azishiyile. Kuningi abafundi abangaku jabulela, okunesifundo nokungabaqwashisa. Ijabulele!!! Lencwadi esihloko sithi: Gone too soon Son ( Uhambe ngokushesha Ndodana ) Iphume ngokusemthethweni mhlaka 11 October 2023, ithokala ku Amazon.com Kindle Amazon.com Paperback

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *