UKaunda uthi ukudunwa kwezimoto zoMkhandlu kulibazisa intuthuko
IMeya yeTheku, ukhansela Mxolisi Kaunda, uthi ukuhamba kancane kwezidingo zomphakathi kudalwa ukudunwa kwezimoto zabasebenzi kanye nezosokontileka.
IMeya yeTheku, ukhansela Mxolisi Kaunda, uthi ukuhamba kancane kwezidingo zomphakathi kudalwa ukudunwa kwezimoto zabasebenzi kanye nezosokontileka.
UNokubonga Mnyango waseMpangeni owavula ibhizinisi lokuqoqa udoti aphinde awudayise usekwaze ukuvula amathuba omsebenzi kubantu ababalelwa ku 22. Lentokazi iqale lelibhizinisi ngonyaka ka 2014 emva kokuba kade isebenza njengomshayeliwezimoto, kwenye yamafemu.
Inhlangano i-National Association of School Governing Bodies(NASGB) ngokubambisana ne-Inanda Interfaith kanye nezinye izinhlangano zomphakathi, ihambele isikole iMandlakayise Primary School eNanda ngenhloso yokuqhuba uhlelo lwe Back to school kanye nokukhulekela othisha kanye nabantwana besikole ngomhlaka 04 Meyi.
Ngemuva kokubheduka kwezinkinga ezimayelana nokuphakelwa kokudla ezikoleni okudalwe imibiko kanye nezinsolo zokwehluleka kwenkampani eyathola ithenda yokwenza lomsebenzi. Uhulumeni waKwaZulu-Natali oholwa uNdunankulu uNomusa Dube-Ncube ube usuthatha izinyathelo zokuthi usukume uthathe izinyathelo zokulungisa isimo. Okube ukuthi kubuyelwe ekusebenziseni uhlelo oludala lokuthi lomsebenzi ube ngaphansi koMnyango wezeMfundo.
Lowo owabe engumsakazi woKhozi FM uMnu Ngizwe Mchunu ubambe umoya ngesinqumo esiyophuma mhlazane ebuyela enkantolo yase Randburg eGoli, ngomhlaka 25 Meyi. Lokhu kuza emuva kokuthi uNgizwe ezwakale ekhuluma ekhasini lakhe mayelana nokungasethembi isinqumo esiyothathwa iJaji ngoba kungenzeka nje amadoda athile ahlangane amcindezele ukuze ligcine ngokumthetha.
Isizoba lula impilo kubantu baseNingizimu Afrika uma befuna ukufaka izicelo zokuthola omazisi noma ama ID, njengoba ebalelwa ku 27 amagatsha amabhange azonikeza lolusizo.Lokhu kuza emuva kokuthi uNgqongqoshe woMnyango wezaseKhaya uDktl. Aaron Motsoaledi ememezele ukuthi bahlose ukuvula amahhovisi alomnyango kumagatsha amabhange angu 43.
Ngiyabingelela sizwe sakithi, nalo udaba lomkhuba ozwisa ubuhlungu ushaqise imizimba esesawujwayela, umkhuba wokuhlukumezana ngokothando. Waze wamubi lomkhuba engabe sawuthathaphi wesizwe esimnyama ? Uthando aluhlukumezi futhi alukhalisi kanti aluchithi negazi , engabe lolu esinalo namhlanje saluthathaphi ? Kulula nje kowesilisa ukubulala owesifazane oke wathi uyamthanda wamthembisa izulu nomhlaba bese ngephutha elincane usuyambulala ngesihluku abanye baze bashiswe abanye bacwiywe amalunga emizimba alahlwe ehlathini.
Ziyobe zidlana imilala kowamanqamu weGospel ID izintokazi ezintathu lapho kuzobe kuqhathwe khona uSindi Ngidi, uNeliswa Dlamini kanye noNeli Sikhosana. Lezi zintokazi yizona eziphume phambili emzuliswaneni wokuhlungela owamanqamu emncintiswaneni wokuthungatha lowo ozoba yisihlabani seGospel ID sika-2023, obubanjelwe eStable Theater
I Table Tennis Board kanye ne KZN Department of Sport e Royal Hotel kube nesifundo nge Table Tennis kanti kuvelile ukuthi I South Africa iqalile ukulungisa ama Champions akusasa.
CAPE TOWN – UMongameli we EFF u Mnu Julius Malema uthi ulindele owayenguMongameli wase South Africa u Mnu Jacob Zuma ukuthi azibandakanye neqembu lakhe ngemuva kokuthi okhulumela iJacob Zuma Foundation, u Mnu Mzwanele Manyi elaxaza i ATM ejoyina iEFF.