UMnyango wezeMfundo eyisiSekelo uthi uzoziqeda izindlu zangasese zemigodi
UNgqongoshe wezeMfundo eyisiSekelo (DBE) u-Angie Motshekga uthe umnyango usalele emuva ngokuqeda izindlu zangasese eziyimigodi ezikoleni.
UNgqongoshe wezeMfundo eyisiSekelo (DBE) u-Angie Motshekga uthe umnyango usalele emuva ngokuqeda izindlu zangasese eziyimigodi ezikoleni.
Umndeni wakwaGumbi waKwaNgcolosi eThekwini, usalokhu ukhale njalo ngezingane eselokhu zanyamalala ngezikhukhula zango nyaka owedlule.
Izovalwa okwesikhashana ukuze ilungiswe futhi ilungiswe nengqalasizinda.
UMnu.Lucat Molane ozinze eGoli, ekhuluma ezinkundleni zokuxhumana uthe, Isizathu esenze wangena ebhizinisi lokulima, kungenxa yokubona isimo somnotho eNingizimu Afrika, sishona phansi.
Basebenzela umphakathi waseMpangeni abenhlangano iBhayilengane NPO esiza lonke uhlobo lwabantu abahlwempu.
Kwethulwe usonkontileka ukulungisa ibhuloho eliseNhlungwane eNtuzuma, okwadaleka umgodi omkhulu ngesikhathi kugasela izikhukhula zango-Ephreli 2022.
Udidekile akasazi ukuthi kumele enzenjani owesilisa waseSavannah Park osekuphele izinyanga elinde impesheni yakhe kwaSouth African Social Security Agency (Sassa).
Kusinda kwehlela kubasebenzi abahola kancane eNingizimu Afrika. Ucwaningo lwakamuva obeluphenya ngokubiza kokudla ludalula ukuthi igilosa yomndeni omkhulu isibiza uR4 966.20.
Ziyakhala izinyunyana zothisha kuleli ngokungasheshi kohlelo lokuqinisekisa ukuthi othisha abafundisa uGrade R, bathola zonke izimfanelo njengabanye othisha. Izinyunyana iNatu neSadtu zikhala ngokuthi eminye iminyango yezemfundo ezifundazweni, iyagoloza ukuqasha labo thisha
Ngibuhlungu ngendlela esiphathana ngayo siyisizwe esimnyama