Umfowabo kaSenzo ushaya amakhala ngezinsolo ezibhekiswe kuKelly Khumalo

SHEILA MHLONGO

Umfowabo kaSenzo Meyiwa, ogama lakhe uSifiso Meyiwa ushaya amakhala  ngezinsolo zomseshi wecala ezivela kamuva zokuthi uKelly Khumalo uyena owathenga ababulali ukuthi babulale uSenzo ngoba emzonda.

Lokhu kuza emuva kokuthi kulelisonto esiphuma kulo umseshi wecala uBrigadier Bongani Gininda ekhipha ubufakazi bokuthi abasolwa ababili okungo Muzikawukhulelwa Sibiya noBongani Ntanzi bamtshela ukuthi uKelly Khumalo uyena owabathenga ukuthi babulale isoka lakhe kanye nobaba wengane yakhe uSenzo Meyiwa.

UMseshi uGininda uveze lobufakazi ngoLwesithathu olwedlule ngesikhathi ethula ubufakazi eGauteng High Court esePitoli ngesikhathi kuqulwa icala phezu kwelinye lapho bekucutshungulwa khona isitatimende sokuvuma icala okuthiwa kwenziwa uSibiya kanye noNtanzi.

Ekhuluma nesiteshi sezindaba eNCA umfowabo kaSenzo uSifiso uzwakale ebhodla umlilo ethi uMseshi uGininda usenga ezimithiyo kuyo yonke lento ngoba ezivikela yena uqobo lwakhe.

“ Ngiyolokhu ngishilo ukuthi unamanga uGininda, iyona ndlela asebenza ngayo, abantu abaningi abamazi uGininda, ngiyamazi mina, ngiwalandelile namacala akhe amaningi, uKelly akazange ambulale uSenzo”. Kusho uSifiso obezwakala ukuthi uthukuthele ugane unwabu.

“Ngiyolokhu ngishilo ukuthi umuntu owabulala uSenzo wayengaphakathi endlini kodwa lomuntu uyavikelwa “.esho.

USifiso ukusho konke lokhu nakuba kunobufakazi obuveziwe obeyamanisa uKelly Khumalo nabanye abasolwa kulelicala. Kodwa noma kunjalo uSifiso akafuni ukukholwa konke lokhu, kunalokho usola uGininda ngokuphambanisa iqiniso. Esho nokuthi uyamazi indlela asebenza ngayo uyingozi kakhulu, uyakwazi ukubamba umuntu ngengqondo.

Ekhuluma kwi -eNCA uSifiso uthe useke wasebenza eziteshini zamaphoyisa iminyaka engu 20 yonke, unolwazi olunzulu lokuthi zisebenza  kanjani izinkabi, kanti nendawo uSenzo abulawelwa kuyo ayikhombisi ukuthi kwakuwumsebenzi weNkabi.

Lilonke uSifiso uveze ukuthi Baningi abantu abanunuselwe ngemali yokugwazelwa ukuze bavume lelicala, njengoba nomunye umsolwa  onguNtanzi naye watshela ummeli wakhe ukuthi uGininda wamnunusela ngesamba sika R3million. kodwa uKelly wayengeke abulale uSenzo ngoba wayemthanda.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *