Kumenzele ugazi ukungancethezi nokusebenza njengengcithabuchopho owe-IFP

ZETHU PHOSWA

Kumenzele ugazi ukungancethezi nokusebenza njengengcithabuchophouMnu Arthur Thamsanqa Ntuli oqokelwe kwesokuba nguNdunankulu waKwaZulu-Natali ngaphansi  kweqembu-Inkatha Freedom Party (IFP). Okuyikho okwenze aqokwe ngo-elethu, ngenxa yemisebenzi yakhe ethathe leli qembu yalibeka kwibalazwe, wakwazi nokugwinya amanye amawadi enhlangano endaweni ebiyaziwa njengesizinda seqembu elibusayo.

Lezi zindaba ezikhishwe uMengameli waleli qembu uMnu Velenkosini Hlabisa, ngenyanga edlule,zibahlabe umxhwele abaningi  UMengameli Hlabisa ukugcizelele kakhulu ukuthi uMhlonishwa uNtuli uqokwe ngoba ekufanele ukuhola lesi sifundazwe.

“Kasinalo noluncane ungabazane ngoMhlonishwa uThami Ntuli ngenxa yamagalelo akhe nesipiliyoni. Uklame indima enkulu futhi kasingabazi ukuthi Inkatha Freedom Party uzoqhubeka nokuyibeka kwibalazwe. UMhlonishwa uNtuli uzokubuyisela konke okudliwe  yisikhonyana, kulesi sifundazwe. Sekuyisikhathi sokuthi kuliwe nenkohlakalo, kuvikelwe abantu bakulesi sifundazwe kogombela kwesabo, ” esho kanje.

UMnu Ntuli  unguSihlalo weSouth African Local Government Association KwaZulu-Natal, futhi uphinda abe yiMeya yoMkhandlu King Cetshwayo, uthi uyakuqinisekisa ukuthi uzosebenza ngokuzikhandla ukuze KwaZulu-Natal iholwe yi-IFP.

“Kuningi okufanele sikulungise okwenziwa ngamanye amaqembu, ngokuthi sibeke abantu okuyibo abasikhethile ngevoti labo. Nakuba abanye sebekuthatha njengokukhankasa nje kodwa thina siyiqembu le-IFP sizimisele ukuthuthukisa inhlalo nempilo yomphakathi. Lokhu i-IFP ike yakwenza phambili, njengoba uma ubuka lakwakuphethe khona yona, yakwazi ukwakha izingqalazisinda ezisezingeni eliphezulu, inika abantu baKwaZulu-Natal isithunzi,” esho kanje .

Lokhu bakusho  ngoba bekuthi lapho efika khona ashiye uphawu oluhle, oluletha intuthuko nokuphila kubantu, okubalwa lapho kade eyiMeya yakuMasipala waseNkandla nalapho ehole amahlandla amabili.

Bakubalulile ukuthi uyindoda engakheli ngamaqubu enye, kodwa konke akuzuzayo kuba ngokukwezikhwepha zakhe nokusebenzisana nasuke eqokwe nabo, ngendlela efanele.

UMphemba  bamchaze njengomuntu olwaziyo udaba lwakhe, kanti kukhona idlanzanyana labantu agcine esephenduka unyamanambana kubo, ngenxa yokumela iqiniso, nokuthi uma kuzokwenziwa okuthize kufanele kulandelwe imigomo, kungabi nokwenzelela.

“Kukhona abangamthandisisi kahle  ngenxa yokuthi zonke izinto azenzayo kazinazigwegwe. Wenze konke okusemgomeni yeqembu ngoba ulwa nokuthi inhlangano ingagcini iwele eweni ishiye okungumgogodla wayo ngenxa yomona nokucabanga ngezisu, ulandela ezinyathelweni zalowo owayengumsunguli  aphinde abenguMholi waleli qembu uDkt Mangosuthu Buthelezi okhotheme ngonyaka ofile,” kubeka ongaphakathi kuleli qembu.  

INKATHA FREEDOM PARTY (IFP)

Usikompilo lwaleli qembu luncike kakhulu kubuntu nakwisintu (traditional system), kanti luqhakambisa kakhulu inhlonipho nobuntu

OKUNYE NGOMHLONISHWA UMPHEMBA

*Ubenguthisha iminyaka engama-20

*Amabanga aphansi uwafunde e-Vumanhlavu Primary School

*Uphothule umatikuletsheni eNkandla High School

*Wenze izifundo zobuthishela e-Rand Afrikaans University

*Uphinde wathuthukisa izifundo zakhe eNyuvesi iNatal University

*Wenze iziqu ze-Honors eNyuvesi yasePretoria

*Ufundise eMaqhinge High School, eNkandla High School, eLushaba High School

*Uqale ngokuba yiKhandsela eNkandla

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *