Kunxuswa abashayeli bezimoto ukuthi kuzobekwa imigoqo kakhonkolo emgwaqeni uN3 kusukela eWestville kuze kube se Paradise Valley ngenxa yokulungiswa komgwaqo

SHEILA MHLONGO

AbeSouth African National Road Agency SOC Limited (SANRAL) sebekhiphe isitatimende lapho bexwayisa khona abashayeli bezimoto mayelana nemigoqo kakhonkolo ezobekwa kuthelawayeka uN3 njengengxenye yokulungiswa kabusha kwalomgwaqo.

Lemigoqo kakhonkolo izobekwa kusukela eWestville Viaduct kuze kufike  eParadise Valley kusukela ngomhlaka 14 Febhuwari 2024 kuze kube umhlaka 29 Febhuwari phakathi kwehora lesishagalombili ebusuku (20h00 kuya kugamenxe ihora lesine ntambama (4h30) ukuvalwa kwengxenye yomgwaqo kuzokwenziwa ngaku Slow lane okuwumzila ohambisa izimoto kancane. Kanti Abe Road Traffic Inspectorate (Amaphoyisa omgwaqo) azobe ekhona ukulawula isimo sokuhamba kwezimoto ngalesikhathi esibaluliwe.

Ngakho abakwa SANRAL bayaxolisa ngesimo sokuphazamiseka kokuhamba kwezimoto abashayeli bayanxuswa ukuthi bahlele kahle uhambo lwabo kusenesikhathi, futhi bayanxuswa ukuthi babekezele ngezikhathi zokuvalwa komzila, bayacelwa  abashayeli ukuthi bahloniphe izimpawu zomgwaqo kanye nemigomo yesivinini esibekiwe kulendawo okwakhiwa kuyo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *