UThembelihle Gumede ongelene uMiss Durban 2024 ucela uxhaso lwezimpahla zokugqoka  ukuze asize abaswele empakathini

UThembelihle Gumede(17)Ohlala eNanda Glebe eMachobeni uqale ukuba nguzime ngonyaka ka2021 noma engazange awine,lokho akumlahlisanga ithemba ngonyaka ka2022 wangenela Miss Glamourous kwilapho awina isicoco sika Queen,waphinda wangenela omunye umcintiswano uMr and Miss eThekwini Municipality Role Model waba yiAmbassador, owokugcina awungenela ku2022 Miss Dream Chasers nakhona waba i-Ambossador .

 Manje ungenele Miss Durban2024 uzokuba ngenyanga kaHlangulana              

“Ngicela kubantu bakithi uxhaso  ukuba bangisize ngezimpahla zokugqoka  nokudla ngoba siyazi ukuthi ukuba nguzime akukona kuphela ukuma esicongweni ubukwe ngabantu. Kepha kumele usebenze uzikhandle usize abanye abantu,uvule amathuba njalo njalo”

Facebook:Thembelihle Gumede

Instagram:Thembelihle_gumede_06

TikTok:MaGumede671

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *