Lizovulwa ngoMashi ihhotela lodumo.

Ayanda Ntombela.

IMENENJA kaMasipala weTheku, uMnuz Musa Mbhele, itshele isigungu esiphezulu kuleli dolobha ukuthi abaphathi behhotela elikhulukazi kuleli dolobha, elavalwa ngesikhathi sokuhlasela kokhuvethe, iHilton Hotel bazolivula maduze, ngokusho kwe-Timeslive.

 Uveze ukuthi uthole ucingo koyi-CEO yaleli hhotela, ebika ukuthi basemalungiselelweni okulivula ngoMashi. “Kabagcinanga lapho baphinde basinikeza nencwadi ebikayo ukuthi iminyango yaleli hhotela izovulwa nini.”lokhu bakwenze ngemuva kokuthi sibabikele ukuthi uma lingasebenzi kuzomele silithathe siyidolobha ngoba isivumelwano sethu sasisho njalo”kusho uMbhele.

Ukuvulwa kwalo kulindeleke ukuthi kuhambisane nohlelo olusanda kumenyezelwa yimeya kumasipala weTheku uMnuz Mxolisi Kaunda,njengoba wathi bafisa ukulungisa izindawo ezakhelene ne-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC).

Waphinde waveza ukuthi bahlela ukususa irenki ysmatekisi eyakhelene nale ndawo, nezitolo ezincane eziseduzane ezigcina zehlisa lendawo isithunzi

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *