Uyalulama esibhedlela owesfazane owadliwa ama pitbuls futhi ubonga neminikelo

LONDIWE MTHETHWA

Uya ngokululama owesifazane waseMzinto eNingizimu ye KwaZulu-Natal owahlaselwa izinja amapitbull amane(4).

USthandile Mkhize(21)esike sabika ngaye ngaphambilini ecela usizo emvakokuba ehlaselwe yizinja ngesihluku,zamluma zaze zadla nezindlebe uyalulama esbhedlela.

Lona wesifazane waphuthunyiswa esbhedlela I GJ Crooks khona emzinto emuva kokwehlakalelwa umshophi wokudliwa yizinja.Okuyilapho adluliselwa khona esbhedlela esikhulu eThekwini,(angathandanga sidalulwe)ngenxa yokubona isimo sakhe esasisibi kakhulu,nokuyilapho esagcinwe khona aze alulame ngokuphelele.

Ekhuluma nentathetheli ye KZN Community Newspaper udlulise okukhulu ukubonga kulabo abanikela ngezimali kanye nalaba abakhombise ukukhathazeka ngaye.

“Ngiyalulama akufani.Kwabangisiza ,ngthanda ukubonga kakhulu ngiphinde ngicele ukuthi lokhu abakwenza kimi baqhubeke nakwabanye uNkulunkulu aqhubeke abandisele .”Kusho uMkhize.

Uqhubeke wachaza ngenkulu intokozo ukuthi bagcine bekwazile ukuvula icala eThekwini,emva kokuba banqatshelwa ukulivula eMzinto ngesizathu sokuthi amaphoyisa ethe angeke alivule icala engekho umnikazi wendaba.Umndeni ka Sthandile ukholelwa ukuthi isizathu sokuthi lingavulwa icala yingoba umnikazi wezinja usebenza khona esiteshini samaphoyisa lapho bebezama ukulivula khona eMzinto.

Kanti kusenjalo kubikwe elinye icala ngomuntu odliwe amapitbull eThekwini ePinetown.Obe yisisulu akathandanga ukudalulwa.

Umphakathi unxenxa wonke umuzi one pitbull ukuba uqiniseke ukuphepha komphakathi uma kufuywe lenja ngoba inobungozi kakhulu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *