Ukubaluleka kokuqaphela intando yeningi

Maduze nje iNingizimu Afrika izobe ibungaza iminyaka engamashumi amathathu (30) yonke yathola inkululeko, emuva kweminyaka ibuswa uhulumeni wengcindezelo lapho izakhamizi zabe zincishwe amalungelo. Okungakho izakhamizi kumele zithi ukuma kancane zibheke emuva lapho zisuka khona. Nakuba uhulumeni enze konke okusemandleni ukusungula imithetho kanye nezikhungo zokuvikela amalungelo ethu esiwazuze kanzima, kodwa
kusekhona ingozi enyonyobela entando yeningi eqonde ukunqinda amandla oMthethosisekelo kanye nezikhungo okumele ngabe ziyaweseka.

Continue reading

UMengameli we ANC wethembise ukuthi basazoqhubeka nokwenza ngcono ezomnotho nasemuva kokhetho

UMengameli weAfrican National Congress (ANC) uMnu Cyril Ramaphosa wenze isethembiso sokuthi iqembu lakhe lisethenjwa abantu bakuleli futhi bazoqhubeka nokwenza ngcono isimo sezomnotho ngisho eminyakeni emihlanu ezayo. Lokhu uRamaphosa ukusho ngesikhathi ethula iManifesto yeANC phambi kwezihlwele ebezigcwele ziphuphuma eMoses Mabhida Stadium, eThekwini,ngoMgqibelo womhlaka 2 Febhuwari 2024.

Continue reading