
SHEILA MHLONGO
Inhlangano yodokotela i South African Medical Association (SAMA) izwakalise
ukudumala kwayo ngendlela uhulumeni aphathe ngayo odokotela. Lokhu kuza
emuva kokuthi odokotela abangaqashiwe bebambe umbhikisho bayohlala
emabhilidini oMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natali eMgungundlovu, lapho
bebekhalaza ngokungaqashwa kwabo befunga begomela ukuthi angeke basuke
kuze kube bathola izincwadi zokuqashwa kwabo.
Kuzokhumbuleka ukuthi uNgqongqoshe wezeMpilo kuzwelonke uDktl.Joe Phaahla
ezinyangeni ezedlule wenza isethembiso sokuthi odokotela abangaqashiwe
bayoqashwa ngomhlaka 1 Ephreli 2024, Lokhu uNgqongqoshe wakusho ngesikhathi
ekhuluma ephalamende.
“Lesi isethembiso esenziwa uNgqongqoshe ephalamende wathi uma nje kushaya
umhlaka 1 Ephreli labodokotela bayoqashwa, siyazi ngezingqinamba ezikhona
ezimayelana nokushoda kwabasebenzi bezempilo ikakhulukazi odokotela
nasezindaweni zasemakhaya, kodwa manje odokotela abafunde bagogoda bahlezi
emakhaya nemfundo yabo.” kusho uSihlalo we SAMA uMvuyisi Mzukwa.
Ephendula uNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natali ukhiphe isitatimende
esibhekise kubona odokotela abebekhala ngokungaqashwa, wathi uyabathembisa
ukuthi udaba wabo lwenganyelwe ezingeni eliphezulu kuhulumeni futhi bazokwenza
konke okusemandleni ukuqasha iningi labo.
Ngokwesitatimende sithi odokotela abebeqhinqile bebefuna ukubonana noMphathi
Jikelele woMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natali uDktl. Tshabalala esibike ngokuthi
bagcine bekwazile ukuba nomhlangano naye othathe amahora amathathu bagcina
bevumelene ngokuthile.
Kuso isitatimende somnyango siveze ukuthi uTshabalala utshele odokotela ukuthi
baphindele emakhaya balinde ngoba udaba lwabo lusezithebeni okwamanje .
Siqhuba isitatimende siveze ukuthi yebo zikhona izikhala zodokotela
ezingakagcwaliswa cishe ezibhedlela zonke okumele kuqashwe kuzo, kodwa
okungelula ukuthi kwenzeke ngenxa yokuthi izikhala ezizogcwaliswa ilezo ezabelwe
imali.
Ngokwesitatimende siphinde saveza ukuthi uNdunankulu uke waxoxisana
noMengameli wezwe. Kanti naye uDktl. Tshabalala uke waxoxisana noNgqongqoshe
wezeMpilo kuzwelonke uDktl. Joe Phaahla kanti noNgqongqoshe wezeziMali
KwaZulu-Natali naye uke waxoxisana no Ngqongqoshe wezeziMali kuzwelonke
uMnu Enock Godongwane, ukuze kutholakale imali yokubhekela lezikhala
zodokotela ezikhona, kodwa udaba lusaxoxwa.
Kafushane isitatimendesomnyango siveze ukuthi odokotela yebo bazoqashwa emva
kokuthi sekukhishwe izikhangiso zezikhala ezikhona njengoba usuvele uqalile
unyaka wezimali lapho kuyoqashwa khona, kodwa bayocelwa ukuthi bafake izicelo
ngoba bonke abantu abasebenzela uhulumeni kumele baqashwe kusetshenziswa
uhlelo lwezokuqashwa, okuyinto ezokwenzeka nakubo odokotela okungeke kuvele
banikezwe izincwadi zokuqashwa bengadlulanga kulo.
Isitatimende siphethe ngokuthi uNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natali
uNomagugu Simelane unxuse odokotela ukuthi babuyele emakhaya bayolinda
ukuthi kuze kukhishwe izikhangiso bese beqinisekisa ukuthi bayafaka izicelo zabo,
labo abafanele bayoqashwa, kanjalo noMnyango kazwelonke nawo uzokhipha
izikhangiso , ngakho bamukelekile ukuthi bafake izicelo nakwezinye izifundazwe.

