Kwehlukene imibono ngokudutshulwakubulawe abasolwa ngezenzozobugebengu

SHEILA MHLONGO
Sekuyinsakavukela ukudutshulwa kubulawe abantu abasuke besolwa ngezenzo
zobugebengu kuleli. Nakuba iningi labantu likujabulela ukuphungulwa
kwezigelekeqe ezihlukumeza imiphakathi ikakhulukazi ezindaweni
zasemalokishini kanye nasemakhaya, kodwa kukhona umbono wokuthi lokhu
kungase kudale inkinga yokuthi kubulawe abantu abamsulwa.
NgoLwesithathu lomhlaka 3 Ephreli abombutho wamaPhoyisa angaphansi
koPhiko leKwaZulu-Natal Provincial Stabilizatio, bagasele endaweni yaseMarianhill
lapho befike badubula babulala abasolwa abayisishagalolunye (9) abebesolwa
ngoxhaxha lwamacala okuhlukumeza umphakathi.
Ngokusho kokhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natali uRobert Netshiunda, uthe
abasolwa bebefunelwa amacala ehlukene okuhlanganisa icala lokudlwengula
intombazane baze baphoqa umama wayo ukuthi abukele ngesikhathi begila
lomkhuba ngokuhlanganyela maqede bashaqa izimpahla endlini bahamba nazo.
UNetshiunda uqhube wathi isigameko sokubulawa kwabasolwa senzeke ngemuva
kokuthi abophiko lwezobunhloli bethole ukuthi bebephezu kwesu lokuhlasela
babulale omunye umuntu. Kuyo indawo yesigameko kutholakale izibhamu,

ngasikhathi sokudubulana kwamaphoyisa kanti abasolwa ababili bona bakwazile
ukuphulukundlela babaleke okumanje bagcwele amathafa kanti basafunwa uthuli
iwona amaphoyisa.
Ngesikhathi sokuqoqwa kwezidumbu zabasolwa endlini yesehlakalo kube
nowesifazane othe omunye umufi ubeyindodana yakhe kodwa ubengesona
isigebengu,isono sakhe ubemane ecashise abasolwa endlini yakhe emva kokuba
bebaleke eChartsworth lapho bebenze khona amacala. Lona wesifazane uthe
ubehlale emtshela undodana wakhe ukuthi akahlukane nabasolwa kodwa engalaleli.
Ngakolunye uhlangothi obekhulumela iforum elwa nobugebengu endaweni
uzwakalise ukujabula okukhulu ngesenzo samaphoyisa sokugudluza izigebengu
endaweni ebezihlalise umphakathi lubhojozi njengoba bekubonakala kukhona nemizi
enbingasahlali muntu ngenxa yokubalekela ubugebengu endaweni.
Ngesikhathi uNgqongqoshe wamaPhoyisa uGeneral Bheki Cele ehambele idawo
yaseMarianhil uthe, uwethulela isigqoko amaphoyisa ngesenzo sawo zokudubula
abulale izigelekeqe ngoba bekungenzeka kube amaphoyisa abulawayo, ngakho
angeke bahlale babukele izigelekeqe zihlukumeze imiphakathi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *