Ukhuza ibuya uDJ Sabbu ku Metro FMBreakfast Show

SHEILA MHLONGO
Ukhuza ibuya uSabelo Mtshali odume ngelika DJ Sabby ukuqhuba uhlelo lwe
Breakfast Show kuMetro FM.Ngokwesitatimende esithunyelwe kwabezindaba
sincoma kakhulu igalelo lika DJ Sabby njengoluhamba phambili kuso isiteshi iMetro
FM.
Siqhuba isitatimende sithi loluhlelo lwasekuseni kuMetro FM oluhamba phambili
luyaqhubeka nokuthatha izinhliziyo zezigidi zabalaleli baseNingizimu Afrika. Loluhlelo
luqala phakathi nezinsuku kusukela ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu ngehora
lesithupha (6:00) – kuya kwihorara lesishagalombili (9:00) ekuseni.
UDJ Sabby uzwakalise ukujabula okukhulu ngethuba alinikiwe lokuphinde aqhube
loluhlelo lwe Breakfast Show kuMetro wathi uzizwa ethobeka kakhulu kubaphathi
besiteshi.
“Ngikholelwa ukuthi sibe nesikhathi esihle kakhulu ngonyaka ophelile ngoba
sikwazile ukuxhumana nabalaleli nabo baluthokozela kakhulu uhlelo lwethu.
Ngiyathobeka kakhulu kubaphathi besiteshi ngethuba abanginike lona
ngiyathembisa ukuthi ngizosebenzela izwe lami ngokuzimisela, njengoba
sisezinhlelweni zokukhuphula umsebenzi ukuze abalaleli behlale bejabule.” Kusho
uDJ Sabby.
Ngaphezu kokuqhuba uhlelo lwe Metro FM Breakfast Show ngempumelelo uDJ
Sabby ukwazile ukuzakhela igama ekuqhubeni izinhlelo nakumabonakude (TV)
okubalwa kulo Clash of The Choirs kuMzansi Magic,kanye nethalente kwezokulingisa
lapho ebe ingxenye yomdlalo ku SABC 1 othi uBettina Wethu, waphinde waba
negalelo ekuphatheni uhlelo lweMetro FM Nomination Party, South African Music
Awards, iBack to the City Festival ku SABC 1 kanye namanye.
UDJ uyatholakala ezinkundleni zokuxhumana:
DJ Sabby on socials:

Instagram: @dj_sabby
Twitter (X): @SabbyTheDJ
Facebook: @DJSabby
TikTok: @dj_sabby
YouTube: @DJ_Sabby

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *