
SHEILA MHLONGO
UNdunankulu waKwaZulu-Natali uNkk Nomusa Dube-Ncube uhambele umngcwabo kaDktl Zamambo Siphokazi Unity Mkhize, obekade engudokotela wezingane esebenza esibhedlela iHarry Gwala Regional Hospital, ngaphansi kukaMasipala wase Msunduzi.
Umzimba kaDktl. Mkhize watholakala emotweni yakhe eyabe ishiywe elokishini laseMbali eMgungundlovu emva kokuthi izigelekeqe zimbulale maqede zamfaka ebhuthini, okuyisenzo esishiye umndeni,ozakwabo abesebenza nabo kanye nomphakathi wonkana ushaqekile.
Ozakwabo abebesebenza naye bamchaze njengodokotela obizimisele kakhulu emsebenzini wakhe wokwelapha izingane. Kanti inkonzo yomgcwabo ibibanjelwe eMount Zion Christian Centre, elokishini lase Mpumalanga, eHammarsdale, ngoMgqibelo womhlaka 6 Ephreli 2024.
Ethula inkulumo yakhe uNdunankulu waKwaZulu-Natali uNkk Nomusa Dube- Ncube uzwakalise amazwi okuhlonipha uDktl. Mkhize, waphinde wakhala ngesihlava sokubulawa kwabantu besifazane okushiya izintandane ezingenabani.

