
SHEILA MHLONGO
Kube usizi lodwa imakethe yabesifazane iZamimpilo Community Market eseMtubatuba ngaphansi kwesifunda uMkhanyakude isha ingqongqa ngezintathakusa zangoLwesithathu lomhlaka 8 Meyi.
Ezwa lezindaba uNdunankulu waKwaZulu-Natali uNkk Nomusa Dube-Ncube uzwakalise okukhulu ukudumala, wathi kube ishwa ukuthi imakethe efana nalena ethuthukisa abesifazane ngokomnotho icekelwe phansi umlilo.Kulemakethe abesifazane bebedayisa izithelo,kanye nemisebenzi yezandla.
“Siyakuqonda kakhulu ubunzima obudalwe ukusha kwalemakethe kubantu besifazane abebeziphilisa ngokuqhuba ibhizinisi kuyo, futhi singuhulumeni sizokwenza konke okusemandleni ukuphenya sithole imbangela yalomlilo.” Kusho uNdunankulu uDube Ncube.
UNdunankulu uDube-Ncube uthe into abazogxila kakhulu, kuyona ukuqinisekisa ukuthi kulungiswe kabusha imakethe ukuze abesifazane bakwazi ukuqhuba umsebenzi wabo wathi lokhu bazokwenza ngokubambisana nazo zonke izinhlaka ezithintekayo kuhlanganisa nomasipala wendawo kanye nohulumeni wesifundazwe ukuze abanikazi bemakethe bathole usizo oluphuthumayo olufana nendawo yokukhoseliswa, ukudla kanye nezinye izidingo.SANews.gov.za.

