Sekudalulwe okukhungethe impilo yomsakazi woKhozi FM uZanele Mbokazi

Zukiswa Mthanti

Kubikwa ukuthi kuqale ngokuthi umsakazi ahlaselwe isibhobo, base besikhulekela kwaba into edlulayo.                

.” Sithathe isinqumo sokuthi sazise abalaleli ngokuphethe uNkosikazi ukuze abantu bangakhumi bese bebhala nokungekona kwizinkundla zokuxhumana.Njengoba abalaleli bazi ukuthi wathi uma esakaza ezinsukwini ezedlule waphelelwa umoya, sibe sesiyamuthatha samusa esibhedlela ukuze ayohlolwa ngokumhlasele. Uyiswe egunjini lokuhlinzwa, okulapho kutholakale ukuthi uhlaselwe umdlavuza wamaphaphu. Lezindaba ziwuthuse kakhulu umndeni ngoba bekuyinto ekade singayilindele” kuchaza uMnuz Nkambule.

Uqhube ngokuthi njengoba bengabantu abakholelwa kakhulu kuNkulunkulu bahleli emthandazweni kulesimo abadlula kuso. Udlulise ukubonga kakhulu kumabandla, izihlobo, abangani Kanye

nabefundisi abavakashela uZanele ekulesimo abhekene naso nabamufisela ukululama.

Ugcine ngokuthi ucela abantu nabalaleli baqhubeke nokubeka umsakazi woKhozi Fm emthandazweni kulesimo abhekene naso.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *