Amaphoyisa athele phansi  ngenhlamvu abasolwaabangu -6 eCamperdown-KZN 

SHEILA MHLONGO

Ezakamuva zithi abombutho wamaPhoyisa SAPS athele ngenhlamvu  abasolwa  ababalelwa ku -6 ngoLwesine evikini eledlule. Kanti kutholakale nezibhamu ezinhlanu kubo abasolwa.

Umbiko we SANews uthi okhulumela umbutho wamaPhoyisa uBrigadier Jay Naicker uthe amadoda amane asolwa ngokuba obhongoza ezenzweni zokubanjwa inkunzi izimoto zemali lapha esifundazweni saKwaZulu-Natali, adutshulwe alinyazwa amaphoyisa endaweni yase Camperdown ngaphansi kwesifunda saseMgungundlovu ngoLwesine ekuseni.

Ithimba labombutho wamaphoyisa uhlangene nezinye izinhlaka ezilwa nobugebengu kuleli kanye nama Hawks ahlanganise ulwazi mayelana nabasolwa, okuthe uma amaphoyisa ememezela ukufika kwawo endaweni lapho kade kunabasolwa khona ahlangatshezwa intululwane yezinhlamvu edutshulwa yibona abasolwa.Kwathi amaphoyisa aphindisela edubula alimaza abasolwa abangu-4 aphinda athola izibhamu ezintathu.

Khona manjalo kwesinye futhi isigameko amaphoyisa angaphansi kwe National Intervention Unit, ajijimeze abasolwa kodwa nakhona abasolwa ababili ehostela lase Klaarwater eMarrianhill  badubula bebhekise emaphoyiseni, kwathi  amaphoyisa nawo aphindisela adubula alimaza abasolwa ababili, nakulesigameko kutholakale izibhamu ezimbili.

Abasolwa abefunwa uthuli amaphoyisa ngamacala ahlangene nodlame, ukusabisa, kanye namanye amacala obugebengu. Kanti uNaicker uthe amaphoyisa azibophezele ekulweni nezenzo zobugebengu, wabe esexwayisa ngokuthi  abasolwa abaphazamisa  umsebenzi wamaphoyisa ngokuwadubula bayohlagabezana nezimbila zithutha ziholwa emhlophe phambili.SANews.gov.za

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *