
Sheila Mhlongo
Abombutho wamaphoyisa wakuleli SAPS sebekhiphe umyalezo
wesethembiso abasibhekise emphakathini wakuleli wokuthi bazokwenza
konke okusemandleni ukuvikela abavoti ngosuku lokhetho oluzobe
lungoLwesithathu lomhlaka 29 May.
Lesisethembiso senziwe ilowo oyiPhini likaKhomishana wamaPhoyisa
uLieutenat General Tebello Mosikili ngesikhathi kade enesithangami
nabezindaba ngeSonto layizolo lomhlaka 26 May 2024.Lapho ebekade
ethula umbiko njengoba abombutho wezamaphoyisa bekanye
nezinhlaka zonke zezomthetho (National Joint Operational and
Intelligence Structure).
“Abezomthetho ibona abaphethe futhi banamandla okuvikela izakhamizi
zakuleli njengoba silungiselela ukhetho lukazwelonke kanye
nolwezifundazwe oluzoba ngomhlaka 29 May.” Kusho uMosikili.
Kanti kusukela namuhla kunguMsombuluko womhlaka 27 kuze kube
uLwesibili womhlaka 28 May, kuqalile ukuvotiswa kwalabo bamavoti
akhethekile (Special Votes) okuzobe sekulandelwa ukhetho
lwangoLwesithathu mhlaka 29 May.

