
OWAMI THABETHE
UMnyango wezemiSebenzi yoMphakathi kanye neNgqalasizinda (DPWI) uzonikela ngazo zonke izakhiwo zawo ezinezinkinga eThekwini kuMasipala weTheku ukuze ziphinde ziguqulwe zibe yizakhiwo ezisebenzisekayo.
Lokhu kumenyezelwe nguNgqongqoshe we-DPWI uDean Macpherson, ngesikhathi kusayinwa isivumelwano sokusebenzisana phakathi kwe-DPWI kanye noMasipala weTheku. Kulesi sivumelwano, izinhlaka ezintathu zikahulumeni zizosiza ekwenzeni uhlu lwazo zonke izakhiwo ze-DPWI ezishiywe dengwane. , eziduniwe, ezingasetshenziswa kancane futhi ezinganakiwe ngaphakathi kuMasipala.
UMacpherson uthe kuyamjabulisa ukubona izakhiwo ezingasasetshenziswa zizoguqulwa zibe yizakhiwo ezisebenzisekayo. Uthe i-DPWI yaKwaZulu-Natali izodlulisela iWest Point Building kuMasipala.
IMeya yeTheku uCyril Xaba ithe ukusayinwa kwale MOU kuqinisekisa ukuzibophezela kwabo ekuqiniseni ubudlelwano nazo zonke izinhlaka zikahulumeni kanye nezinkampani ezizimele ukuqinisekisa ukusebenzisa impahla kahulumeni ukuthuthukisa umnotho.
UXaba uqhube wathi idolobha kanye neDPWI sebehlonze izindawo ezingu-149 ezizochithwa, kanti ezingu-91 esezikhishiwe noma ezisaphumile ukuzocela iziphakamiso. UXaba uthe inhloso yalo nyaka wezimali ukuthi kudedelwe izindawo ezingu-50 ukuze ziphinde zisetshenziswe. Amanye amabhilidi azonikezwa uMasipala maduze yisakhiwo saseWest Point esigudle uMargaret Mncadi Road (esaziwa ngoVictoria Embankment) kanye neNkantolo yase-Excelsior eBerea.

