SHEILA MHLONGO
Ngifisa ukusebenza kanzima ngiphakamise inkampani yami “IQHAWE OPERATORS” bese ngiqhubeka nokusebenza ngokukhuthaza imfundo entsheni okuyinto eyisifiso sami kakhulu ukubona intsha yakithi ikhula ngemfundo nangamabhizinisi.
Izinhlelo zakulonyaka zijule kakhulu. Sifisa ukukhuthaza imfundo entsheni yangakithi siphinde sikhuthaze ukuba intsha iqale amabhizinisi ikwazi nokuzimela. Lokhu sokwenza ngokuvakashela izikole njengoba ngoMhlaka 6 February behambele isikole salapha ngakithi Endwedwe emalangeni (Gcinimfundo Secondary school) esenze kahle kakhulu kuMatikuletsheni wango-2024. Sibone kufanele njengenkampani esakhula ukuba siye kohlonipha abafundi abenze kahle ngezipho kanye nothisha babo ngokunjalo.
Baningi osomabhizinisi abakhona esifisayo ukuba ngelinye ilanga sisondele kubona ngingabala nje uDj Sbu owuMsunguli weMofaya njengoba nathi siyiQhawe Operators sine juice esizenzela yona ngezethu izandla okuyijuice ngeke uyithole ndawo umhlaba jikelele kuphela ungayithola kuthina. Inkinga esibhekana nayo kunzima ukuthola uxhaso njengamanje kuze sikwazi ukwenza lejuice ngendlela ezovumelana nomthetho wokudayiswa kwezinto ezidliwayo.
Engikufundile kulonyaka odlule ukuthi nomangabe kunzima kangaka nani kepha ngingalilahli ithemba ngimubize njalo unkulunkulu bese ngifaka umfutho kukhona iminyango ezovuleka. Into engalindelwa abantu kulonyaka amabusiness class amaningi azobe efundisa nangokuziphatha mawuqala ibusiness noma usunalo I business. Sizokwenza ama tournament amaningi ebhola njengoba siqale i tournament ebizwa ngokuthi “Ebhodweni soccer Tournament” ngonyaka ka-2024 ezokhulisa amakhono abadlali abasafisa ukukhula iphinde isize abadlali ngokubafaka kwi database bese ihamba icelela labo abangatohozi ezinkampanini ezithuthukisa amakhono ezandla ukuba zisize abadlali abafisa ukuyisa impilo phambili ngalokho sizama ukunciphisa amathuba obungebengu, amadrugs bese sandisa amathuba amahle asondeza umuntu ngamunye empumelelweni.
Njengoba letournament inabaxhasi abathize abakulonyaka sobamemezela ngoMay. Ofisa ukuthola kabanzi ngomsebenzi esiwenzayo njenge Qhawe Operators ungasithola kuTikTok @iqhawe_operatores nakufacebook @ebhodweni soccer Tournament. Inamba yocingo: 082 835 8861 and email address: iqhaweoperatorsl@gmail.com.

