I-Sea view Child Development Centre isingathe ngempumelelo usuku lwe – World Read Aloud Day – 2025

SHEILA MHLONGO

Inkulisa ezinze eMgababa eIfracombe, iSea view Child and Development Care Centre isingathe ngempumelelo usuku olubalulekile olwaziwa nge ‘World Read Aloud Day’ ngokubambisana neKZN Namuhla Newspaper kanye noMkhomazi Library.

Lolusuku lwe World Read Aloud Day liwumkhankaso weNal’ibali okuhloswe ngalo ukukhuthaza ukufunda ezinganeni kusukela ezinkulisa. Isiqubulo salonyaka besithi “Theme: Read Aloud, Ignite Minds, Change the World” okusho ukuthi Funda  kakhulu, shukumisa imiqondo, shitsha umhlaba.

Izikhulu ebezivela eMkhomazi Library ziqwashise abantwana ngokubaluleka kokufunda kanye nokuba amalunga omtapo wezincwadi nokuthi abazali kumele bakhuthalele ukufundela abantwana izincwadi noma sebesemakhaya nsuku zonke

UThishelakazi uNkk. Radebe uyena obefundela incwadi abantwana.Uthishanhloko uNkk. Mpume Chamane ubonge ukusebenzisa okuhle nephephandaba iKZN Namuhla kanye uMkhomazi Library.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *