UMbongeni Ndlangamandla ‘Ras Obrigado’ odabuka eNkandla ucikoza ngeReggae Music

SHEILA MHLONGO

Ngisendimeni yezobuciko ngicikoza nge Reggae Music umculo wama Rasta. Engifisa ukukwenza kulonyaka ukuthuthukisa intsha endaweni engisuka kuyo eNkosini uMahlase kwaChwezi nasezindaweni ezakhele indawo engikhulele kuyo, ngikhuluma ngezemidlalo nobuciko kanjalo nokusebenzisa umhlabathi, ngoba ingcebo nomcebo wom’Afrika usemhlabathini.

Ngifuna  ukuhambela izikole zangakithi kuqala ngaphambi kokuya kwezinye izikole ezingomakhelwane.

Ngizobe ngenza umjikelezo ka Ras Obrigado ezikoleni ngikhangisa ngeNdondo Yami ye* SATMA* best reggae album engayiwina ngo2018.  Enye award ngeye*MTCMA* engiyithole 2022 .

Inhloso ukuvuselela isiko lezobuciko nezemidlalo ezikoleni,  akusho lutho ukuthi uzalelwephi noma  kodwa ngethalente  uyakwazi ukuziphilisa, ngeke sibe ngothisha or odokotela sonke kodwa khona abanobizo lobuciko futhi abayoziphilisa bondle nemindeni yabo ngabo ubuciko.

Umuntu  engingathanda ukusebenza naye emculweni kulonyaka ngu Sjava,  uZola 7, Thuthukani Cele.

nabanye abaku Maskandi.  Izinto engizifundile kulonyaka odlule ukuthi ukusebenzisana nabanye abantu endimeni kaqedisizungu kuyawuvula umqondo nemigudu (channels).

Abathandi bomculo wami nabangabaholi bami,angifuni ukusebenzisa igama  labalandeli ngoba alinasisindo ngokwami. igama labalandeli utholukuthi bakulandela Noma sewphuma espolweni sewngena ehlathini, kanti ngidinga abantu abazongikhuza masenginhlanhlatha yikho ngibabiza ngabaholi bami ngoba yibo abenza ukuthi ngiholele lomsebenzi engiwenzayo.

 Abangithandayo nathanda umculo wami nalabo abahlale bethenga umculo wami kusuka 1996 nginesiqiniseko sokuthi bangawuthola umculowami kuwo wonke ama digital stores. kulabo abafisa ukwazi ngama bookings bangangithola Ku Facebook: Aaron Mbongeni

Email: rasobrigado@gmail.com  or ngroovesound@gmail.com and WhatsApp : 073 858 4165.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *