SHEILA MHLONGO
UNdunankulu waKwaZulu-Natal uMhlonishwa uNtuli usephakamise ukuthi kuboshwe ngokushesha izigilamkhuba ezithinteka ecaleni lokudlwengula nokubulala uNksz. Sphindiwe Hlongwa isidumbu sakhe esatholwa silahlwe eduze komuzi wakhe eMkhazini eningizimu yeTheku.
Ngokwemibiko uHlongwa oneminyaka engu-31 utholwe eklinyiwe washona, enezimpawu zokushaywa nokuvuvukala ebusweni ngemuva kokwehliswa yimoto yohlobo lweRenault Kwid eduzane nakubo kusihlwa.
UNtuli ukugxekile ukubulawa kukaHlongwa, echaza lesi senzo “njengesiwubulwane, esingenabuntu, nokuhlaselwa kwesithunzi nokuphepha kwabesifazane.” “Sithuswe kakhulu ngesinye isenzo esibi sodlame olusekelwe kubulili kanye nokubulawa kwabesifazane (GBVF). Abenzi balobu bugebengu obunyantisayo kumele babhekane nengalo yomthetho ngaphandle kokulibala. Lesi ngesinye sezigameko eziningi zokubulala ezixhumene nesihlava se-GBVF esifundazweni sethu.
“Kodwa-ke, ngokusebenzisana nophiko lwamaphoyisa aseNingizimu Afrika ngaphansi kukaKhomishana wethu wamaPhoyisa uLieutenant General Mkhwanazi sizoqinisekisa ukuthi wonke amacala siwaphatha njengento ephuthumayo icala elilodwa ngesikhathi. Asisoze sayeka futhi sizokwenza konke ukunqoba i-GBVF,” kusho uNdunankulu.
UNtuli unxuse noma ngubani ongaba nolwazi mayelana nalesi sigameko ukuthi aphumele obala asize amaphoyisa ngokuthinta icrime stop ku-08600 10111 noma esiteshini samaphoyisa esiseduze.
International Women's Month commemoration
UNtuli ngoMgqibelo uhole ithimba lamaLungu esiGungu esiphezulu (MEC) eligubhe uSuku Lwabesifazane KwaMashu Civic Centre.
Umgubho womhlaba wonke kanye nekhwelo lokulingana ngokobulili. Lolu suku lugujwa minyaka yonke mhlaka-8 Mashi luyisikhumbuzo samagalelo abesifazane abawenzayo emphakathini kanye nezinselelo abasaqhubeka nokubhekana nazo. – SAnews.gov.za

