SHEILA MHLONGO
Unyaka ka-2025 ungohluke kakhulu ngoba ngithathe isinqumo sokuthi kube nezinto engizozenza ezinye ngingazenzi. Angiyena umuntu oshintsha ukwenza ngoba kuqala unyaka, kepha kuba khona izinto engiye ngibone ukuthi angingaphoqi ukuzenza, ngenxa yezimo engisuke ngibhekene nazoi. Ngizibophezele ohambweni oluya kwisicoco esibizwa ngo Mrs Bold. Ngithole ithuba lokuhlanganyela nabesimame abakhuthele, asebedlule ezintweni eziningi ezehlukahlukene, kodwa abasaphikelela nokwenza umahluko ezimpilweni zabo nasemiphakathini.
Ngonyaka odlule owadla umhlanganiso, ungowakhona lapha eKZN okungu Cynthia Nene, Mrs Bold 2024, akugcinanga lapho, U-Rene Fourie wathatha isibili, naye ungowase KZN. Nakulonyaka kumele kube njalo, isifundazwe neTheku kumele liwudle umhlanganiso. Ngisohambweni lokuthatha isicoco u Mrs Bold 2025, ngiyazi asebeke basebenzisana nami, bazongeseka bavote. Ukufinyelela kumafinals, kuzobe sekunginika ithemba kubantu abangesekayo ukuphakamisa lesisifundazwe futhi angeke ngiphoxe!
Njengamanje ngaziwa njengomama weGagamela iqembu lomculo engiliphathe kusukela ngo-2022. Ngonyaka odlule likhiphe ingoma uMkhuzeni, ethakaselwa kakhulu ngabantu, etholakalayo koSpotify nakwezinye izinkundla zokudayisa umculo. Okunye engikwenzayo, iCultural Exchange kanye nama Dialogues okuzithuthukisa ngolwazi, ikakhulu ngemvelaphi , ukuziphatha, nokuzithuthukisa kwabantu besimame nentsha.
Ngenyanga ezayo sizoba nomcimbi obizwa nge Africa Unite – Okungumcimbi ohlanganisa amaciko ngokuhlonipha ukuthi e-Africa sibanye. Siye sibe nomculo ofaka abanye ozakwethu base-Africa kodwa abangebona abokuzalwa eNingizimu Africa.Umuntu akaqedwa, kodwa okusemqoka ukuthi abantu bazi bavotela umuntu onjani, owenzani futhi.Okunye okumele kwaziwe ngalomncintiswano ka Mrs Bold, awukhethile iminyaka, ushadile noma awushadile, ungumama noma awunguye, uyisidudla noma uzacile! Okusemqoka ukuthi ube nodaba lwakho olukwazi ukusiza abanye futhi ukwazi ukubonisa ngemisebenzi oyenzayo ,ubuqotho, ukuzikhandla, nokuzihlonipha emphakathini.
Ngicela ningivotele, ningilandele kuFB kanye no-Instagram, Mpume Ngunelihle Mnyawe,nilandele no Mrs Bold 2025. Ningakwazi ungivotela ngalemininingwane elandelayo: SMS Afrika 9002 to 37587, R5 per SMS, awekho ama SMS amahala. Sekuyavotwa , kuvalwa ngo 30 June 2025. Kulabo abaseduze noma abangaphumelela ukuya emcimbini wokukhetha labo abazongena kowamanqamu, bangawathenga amathikithi kule link: https://qkt.io/io9XpM Usuku: 7 June 2025 Imininingwane egcwele izofakwa ku FB naku- Instagram.

