SHEILA MHLONGO
I-Ackermans, okuyisitolo esihamba phambili sezimpahla ezingabizi eNingizimu Afrika, ibambisene ne-Food & Trees for Africa (FTA)bahlanganyele ngenhloso yokunikeza amandla kubantu baseNingizimu Afrika kuzo zonke izizukulwane. Lokhu bakwenze Ngokutshala izihlahla ezingu-1,000 ezidabuka kuleli kanye nezithelo ezikoleni ezingu-48 kanye nasezikhungweni zezinkulisa (ECD) ezingenazo izinsiza ezifanele KwaZulu-Natal, lesinyathelo sibhekana nezinkinga zokuqinisekisa ukuthi kube khona ukudla , ukubuyiselwa kwemvelo, kanye nokuthuthukiswa kwezizukulwane ukuze kwakhiwe izindlela zokuphila ezisimeme.
Isisekelo Esiluhlaza Sokuthuthukiswa Kwezingane ezifunda ezinkulisa
Izinhlelo zokutshala izihlahla ze-FTA zinomthelela omkhulu ezikoleni ze-ECD, lapho izingane zithola ukufundiswa ngemvelo kanye nokusimama kusenesikhathi. Ngokuhlinzeka ngezihlahla ezahlukene ezikhiqiza izithelo nezihlahla zemvelo, i-Ackermans ne-FTA baguqula lezi zindawo zibe yizindawo eziphilayo ezikhulisa izingqondo ezincane.
“Lezi zihlahla ngeke nje zihlobise isikole sethu, kodwa zizoba imithombo ebalulekile yemfundo nokuzibandakanya komphakathi. Abafundi bethu bajabule ukufunda kabanzi ngemvelo, i-ecology, kanye nokubaluleka kokusimama,” kusho uMnu. Mazibuko, uthishomkhulu weSikole i-Isiqalo eKwaZulu-Natal.
Izihlahla ezitshaliwe zinikeza ukudla okunomsoco nesithunzi, zidalela izingane indawo ephephile nephilayo lapho zingafunda futhi zikhule khona. Lolu sizo lokulondoloza imvelo lufundisa abafundi ngemfundo yokuqala yokuphatha kahle imvelo, kubafundisa inani lemvelo abazolihambisa kuze kube yisikhathi sabo sokuba ngabantu abadala.
I-Ackermans ikholelwa ukuthi ukubambisana kwayo ne-FTA kuzosiza kakhulu izizukulwane ezizayo nasemvelweni. Ngokuhlanganisa ukuphepha kokudla kanye nokunakekelwa kwemvelo ekuthuthukisweni kwezingane ezincane, i-Ackermans inethemba lokuthi isizukulwane esizayo sizoba neqhaza ekwakheni umhlaba osimeme.
“Yonke imisebenzi yokutshala izihlahla idlula umthelela wemvelo ngokwakha ukuzigqaja nomfutho emphakathini. Izinga lokusimama le-FTA liqinisekisa ukuthi izindawo ezizuzayo zinamandla okunakekela izihlahla. Njengengxenye yephrojekthi, imiphakathi ithole ukuqeqeshwa ekunakekelweni kwezitshalo, kwakheka inethiwekhi ye-‘tree champions’ ezihola imizamo eqhubekayo yokulondoloza imvelo,” kusho uRobyn Hills, uMphathi Wezinhlelo e-FTA.
Ukuzibophezela Ekuletheni Ushintsho Oluhlala Njalo
I-Ackermans,ikholelwa ukuthi lesinyathelo sizogcina sisuse cishe amathani angu-369 e-CO₂ emoyeni phakathi nempilo yezihlahla, lisize ekwehliseni ukuguquka kwesimo sezulu. Lobu budlelwano bubonisa ukuzibophezela okuqinile ezimisweni ze-ESG, buholela emiphumeleni ebonakalayo ngokutshalwa kwezimali kwezenhlalakahle nemvelo. Umbono wesikhathi eside ucacile: ukwakha imiphakathi ehlala iqinile kwezomnotho, kwezenhlalakahle, nasemvelweni kwizizukulwane eziningi.
“Izihlahla ezitshaliwe namuhla ngeke nje zilwe nokubhujiswa kwemvelo kodwa zizophakela imiphakathi iminyaka ezayo,” kusho uSimone Ruthnam, uMphathi Wezokunciphisa Igesi Engcolisayo e-FTA. “Sisebenzisana ne-Ackermans sakha umuzwa wokuba ngumphakathi onakekelayo lapho abantu bazo zonke izizukulwane bethatha isibopho ekunakekeleni imvelo yabo.”

