Abesilisa abawelisa umphakathi emfuleni uMlaza beya emsebenzini eChartsworth bafisa  uMasipala nohulumeni abaxhase ngezikebhe

WONDER NGCOBO

Ukufa kwabantu minyaka yonke uma linetha kwadala ukuthi Izinsinzwa ezakhele endaweni eseduze nomfula uMlaza ezidume ngokusiza amalunga omphakathi asuka eMlazi eya ematohweni eChartsworth asezwakalise ukuthi afisa ukuthola uxhaso kuMasipala weTheku kanye noHulumeni ukuthi abasize ngezinto zokuphephisa abantu ezigqokwayo (Life Jackets) kanye nezikebhe ukuze bakwazi ukuwelisa kahle abantu ngokuphepha. Lokhu kuza emuva kokuthi ibhuloho lalomfula labhidlika ngezimvula zika-2021 nelingakaze livuswe kuze kube manje.

Lezinsizwa zikhala ngokuthi  umfula uMlaza uvame ukuthatha umuntu ngezikhathi zezimvula njengalokhu kunabantu abawela umfula ngezinyawo besuka eMlazi beya emsebenzini eChatsworth. Phakathi kwabantu abasebenzisa lendlela isesigcemeni sakwa E, kukhona abahlala kwa C kanye nakwa A.

Ukufa kwabantu minyaka yonke ikona  okwaholela  ekutheni kubhukule lezinsizwa UKhulekani Ngubane  nabangani bakhe bazinikela ukuthi ziwelise abantu, bafinyelele etohweni ngoba bebemane bangene emanzini ngenxa yengcindezi yokwesaba ukulahlekelwa umsebenzi, lokhu okwakubabeka engozini yokumuka nomfula.

Ukuwelisa umuntu bakhokhisa imali engango R10 umuntu ngamunye uthi kodwa uma umuntu esemuka akakhokhi ngisho nesenti leli nakuba bedela izimpilo zabo, Lesikebhe esingukhokho abaweza abantu ngabo uthi babathenga emandiyeni eChatsworth ngoba ayazi ukuthi bayabadinga, kukhona ukhokho olayisha abantu abane (4) , kubekhona olayisha (6) bese kuba khona olayisha (8) wona owabiza R700 okwaphoqa ukuba bawuhlanganisele.

UMamzu Ngcobo oshayela ukhokho omkhulu kunabo bonke ngenxa yesipiliyoni sakhe emanzini uthe bangaphezu kuka-25 abantu asebakhiphe kulomfula bemukile abanye ubuya nabo bephila kanti abanye babuya sebeyizidumbu, kukhona nabangatholakali nhlobo ngenxa yokuthi naye uqhelile emfuleni kuthatha isikhathi ukufika lapho kukhona omukileyo.

UNgcobo uthi okumphatha kabi ukuthi ikhansela elavotelwa yibona alinandaba nabo ngakho sebecela kungenelele iMeya yeTheku Ubaba Cyril Xaba bengalokhu becasha ngokuthi ibhuloho liyakhiwa besho into engakafiki ngisho kuhhafu, nesazothatha eminye iminyaka emihlanu ukuthi iphothulwe lapho abantu abangenalutho befa ngenxa yokuwela umfula ugcwele. uphethe ngokuthi ithimba lakwa Search and Rescue lamshaya ngemfe iphindiwe lamthembisa ukumtholela umsebenzi emva kokuba ebasizile ukuthola umuntu owayesenesikhathi alahleka.

USifiso Ngubane uthe bacela ukuba uMasipala weTheku uze uzobona isimo omama abawela ngaphansi kwaso ukuze babeke isinkwa etafuleni, uthi iNingizim Africa ineminyaka eyevile ku30 yathola inkululeko le abancishwa yona abantu abasebenza eChatsworth ube esecela ukuthi balekelelwe ngezinsiza kusebenza njengezikebhe zangempela nezinto ezifuthwayo ezifakwa ezivikela umuntu ekuminzeni, ngoba abanye bemuka ngenxa yokungathembeki kwezithuthi zabo kanti abanye balahlekelwa yimisebenzi ngenxa yokwesaba lezithuthi. uthi bafika ngo-4 ekuseni bezowelisa ama security bahlale emfuleni kuze kuphele abantu abaya emsebenzini bagoduke bayodla babuye ngo12 emini sebezowelisa abaphuma kuqala emsebenzini kuze kushaye 7:30 kusihlwa. Lokhokho uhamba isikhathi esingango 10 minithi emanzini ngaphambi kokuwelela ngaphesheya.

UNtombikhona Cele ongumsebenzi wasezindlini khona eChatsworth naye owela ngokhokho uthe kumele ushaye umthandazo omncane ngaphambi kokugibela ngoba usuke uphakathi kokufa nokuphila, uphuma endlini uyosebenzela izingane zakho okulandelayo zithole umbiko wokuthi usumuke nomfula washona, njengoba kwenzekile nyakenye ngenkathi kushona umama ababesebenza naye emva kokuba eqeda kuwela yena. uSomabhizinisi ubaba Ngcobo we Ghetto Boys neBhudleni Tours okhathalele abantu bakulendawo nowanikela ngama food parcel ngokhisimusi wonyaka owedlule, nguye obazamayo ngogandaganda wakhe abenzele indlela yokuhamba ephephile nakuba naye exinwa ngamaphoyisa kaMaspala weTheku ngokwenzenjalo.

Uphethe ngokucela ukungenelela kuka Hulumeni lapho ecele khona ngokukhethekile umphathiswa wezokuhlaliswa kwabantu uMec Siboniso Duma nathe uyena Ngqongqoshe amethembayo ngenxa yokusebenza kwakhe ubusuku nemini ukuhlonza nokulekelela abantu ababhekene nezimo, wathi inyanga yamalungelo kumele kuboniswe ukuvikelwa kwabomama nezingane ngokuthi balekelelwe kulenkinga ababhekene nayo. ukuze kufike ukhetho lukaHulumeni wasekhaya bephila ngonyaka ozayo.

Imizamo yokuthola ikhansela lendawo umama Msomi ophethe u ward 80, ayiphumelelanga njengoba ucingo belukhala lungabanjwa.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *