WONDER NGCOBO
Izizwa iphelelwa amathemba okuthola ithuba lokuphothula izifundo zobuthishela insizwa esencane yaseShowe endaweni yase Mamba ogama layo uMnqobi Victor Cele emva kokwehluleka ukuthola isikhala sokufunda iminyaka emibili ilandelana.
UMnqobi ozohlanganisa iminyaka engu-24 yobudala kungekudala, uthe wenza umatikuletsheni ngonyaka ka-2020 eNqumizwe High School, ngeshwa akenzanga kahle ngenxa yokuphazanyiswa yitwetwe lokuhlasela kokhuvethe (COvid-19) kuthe ngonyaka ka-2022 wathatha isinqumo sokubuyela futhi esikoleni waqala kwa Grade-11 ukuze ezokwazi ukuthola imiphumela encono.
Ngonyaka olandelayo wenze umatikuletsheni nalapho ethole khona o Distinctions abathathu ngenkathi kuphuma imiphumela kamatikuletsheni. Uzamile ukufuna izikhala ezikhungweni zemfundo ephakeme kodwa asikho esimthathile lokho kuholele ekuthatheni i gap year futhi, ngonyaka ka-2024 uzamile futhi uku-applaya cishe ezikhungweni ezingu-8 kuhlanganisa nezingaphandle kwesifundazwe. Ekwenza lokhu ngohlelo lwaka-CAO kepha lutho ukuhlangana.
Njengamanje uhlezi ekhaya unyaka wesibili ejika nelanga, uthi kunzima kakhulu njengoba ukubhekana nempilo yokuvuka udle ulale esikhathini lapho izinto zonke zidinga imali.ukuhlala ekhaya sekumphoqe ukuthi azame ukwenza izifundo ze Security nezincwadi zokushayela ukuze ezobamba lapho kuqhamuka khona itoho. uthi sinzima isimo kangangoba ucela noma ngubani ongavela nosizo alekelele kungaba ngomsebenzi noma amsize athole isikhala sokuyofunda.
Uqhube ngokuthi ukuba ubazi ukuthi impilo izoba nzima kanje bengeke azihluphe ngokubuyela esikoleni uma ezophinde abhuquze ekhaya ngenkathi ontanga yakhe beqhuba izifundo zabo ukufezekisa amaphupho abo. Uthi uyaqonda ukuthi iningizimi Africa yentula amathuba emisebenzi kodwa kunzima kakhulu uma sowuzohlala ekhaya ngokweswela isikole kodwa kunezingane ezisakhishwa emakhaya kuthiwe aziye esikoleni ukuze zibe nekusasa eliqhakazile.
Kucelwa noma ngubani ongalekelela lensizwa ikwazi ukufeza iphupho layo, uma kukhona ofisa ukulekelela ngezeluleko, ongadlala indawo ekutholakaleni kwesikhala sokufunda kumbe umsebenzi okungenani angashayela kulenombolo yocingo ethi: 071 106 1334.

