SHEILA MHLONGO
Abahlali basesigodini saseMbozamo, eMaphephetheni elokishini laseNanda enhla neTheku abathokozile ngenhlabathi abafakelwa yona emgwaqeni ngesimo sokuthuthukisa indawo.
Iproject iqale phakathi nenyanga kaNovemba ngo-2024 iphethwe inkampani iBayede civils, esuka Richards bay eMandlanzini. Inkampani le iphinde yabuya mhlazingu-5 March 2025 ukuzoqhubeka nethenda kungakaze kukhulunyiswane nomphakathi, emvakokuba ikade imiswe umphakathi ekundlaleni umgubane obunxusa ukuthi bawushitshe bafake ongcono kunalo, yize kunjalo babuye bazoqhubeka nawo umgubane lona umphakathi ongahambisani nawo.
Okukhathaza kakhulu ngenkinga ababhekene nayo ukuthi iziphathi mandla zendawo zikhomba ukungahambisani nemibono nezikhalazo zabo njengomphakathi, kanti ikhansela lendawo uMnu. Makhosini ugcine esekhipha amazwi okuthi inkampani izoqhubeka nethenda makukhona ongahambisani nakho uzoboshwa.
Ngaphambilini umphakathi neziphathi mandla zendawo okubaleka iNkosi yendawo uMnu. T.Gwala, iNduna yendawo uMnu. Gwala, ikhansela uMnu. Makhosini kanye neNduna yomsebenzi ngaphansi kwenkampani iBayede Civils babambe imihlangano emibili enyangeni ka-Disemba ukumisa ithenda.
Emhlanganweni wokuqala mhlaka -3 Disemba 2024, ikhansela alifikanga ngezizathu zokubika ukubamatasa kanti umphakathi, induna yendawo kanye nabenkampani iBayede Civils bakwazi ukufika emhlanganweni lapho khona umphakathi wabeka izikhalazo ngomgubane abafakelwa wona nendlela iziphathimandla zendawo ezihluleka ngayo ukuphatha.UMnu. Muzi Gwala oyisikhlulumeli somphakathi wabeka wathi “njengelungu lomphakathi akahambisani nomgubane osetshenziswayo ngoba unamatshe futhi wake wafakwa ngaphambilini, ubanga udaka makunemvula, ugugisa izicathulo kakhulukazi ezinganeni zesikole, uzophoqa ukuthi abazali bahlale bethenga izicathulo. Akasayiphathi eyezimoto iyona eyinkinga kakhulu”. INduna njengomunye wabantu abasezikhundleni esigodini wakhombisa ukuzizwa izikhalazo zomphakathi.
Emva komhlangano umphakathi wahluphekela amanzi ngenxa yokuthi izimoto zamanzi zazihluleka ukuhamba kwizingxenye zomgwaqo ezinale nhlabathi. Umphakathi ukhalaziswa ukuthi umgwaqo olungiswayo awonakele kunokuba bawenze ubengcono bayawona kakhulu. “Okuyindida ukuthi umgwaqo awunankinga, nomphakathi awukaze uveze ukuthi unenkinga nawo,phezukwalokho umgwaqo ukhonkiwe ingxeye eyodwa, sibona sengathi umnyango kanye neziphathi mandla zendawo zisebenzisa lomgwaqo ukuthi badle imali ngawo, ekugcineni abantu abasala enkingeni umphakathi” kubeka uMondli Ndimande oyilungu lomphakathi.
Umphakathi uphinde wabamba umhlangano mhlaka-12 Disemba 2024 emvakokuba bebone ukuthi inkampani ephethe ithenda iyaqhubeka nokundlala inhlabathi. Kulona lolusuku enye yezinsiza kusebenza( Grater) zalenkampani yaqhunyelwa isondo ngenxa yawo lomgubane onamatshe, kwangena itshe esondweni, okuyinto ekhalisa amalungu omphakathi ukuthi umalamatshe ekwazi ukuqhumisa isondo likagandaganda awezimoto ezincane abeyini.
UMnu. Makhosini(ikhansela) kulomhlangano wakhombisa ukuzizwa izikhalazo zomphakathi kwagcinwa kuvunyelenwe ngokuthi bazowususa umgubane bafake omusha, okuyinto iBayede Civils eyagcina ihambe ingayenzanga njengoba isibuya izoqhubeka nawo lomhlabathi kungakaze kuhlalwe phansi nomphakathi.

