MFU. NARE KATLEGO
Ninjani sizwe sakithi ngithi ake nginikhuthaze ngobungozi bamazwi, uma ungumuntu uphila kulomhlaba ungakhohlwa ukuthi awuhlukile kwabanye abantu njalo okwenzeka komunye kungenzeka nakuwena. Masiboqaphela esikushoyo ngabanye abantu uma sibone kukhona abakwenzile okungekuhle ngoba sisuke singasazi isizathu noma into ebaphoqe ukukwenza lokho. Uboqaphela ungazibophi ngamazwi akho kusasa uma sewehlelwa yinto efanayo sekumele wenze lento owayigxeka akubophe amazwi akho .
Kulomhlaba zikhona izinto ezingaphezu kwamandla omuntu ezenza umuntu agcine ethatha izinqumo ezingezinhle. Ungakhulumi kabi ngomunye uma umbone ethatha isinyathelo esibi kunalokho ungamane umsize kunokukhuluma kabi ngaye ngoba asengakubopha amazwi akho kusasa nawe . Amazwi ayingozi ayambopha umuntu
Obhalayo Umfundisi katlego Nare

